Lubhalwe nguMichael Madyira
USomila Ntsundwana ushaye amgoli amabili i-Richards Bay yanqoba ngo 4-0 ihlula i-Baroka FC emdlalweni wama-play-offs e-Premier Soccer League enkundleni eKing Goodwill Zwelithini e-Umlazi, eThekwini.
Bekuwumdlalo onzima. I-Natal Rich Boyz ibidinga ukugcina isithunzi sayo ku-PSL, kanti umphumela wabo uvele waba ogculisayo kakhulu.
UNtsundwana uvule inkundla emuva kwemizuzu engu-37 ngaphambi kokuvalela elesibili ngomzuzu ka-62.
Imizamo yakhe ixhaswe yigoli likaSanele Barns olishaye sekusele imzuzu emibili kuyiwe ekhefini kanye nelikaLwandile Mabuya alishaye sekusele imizuzu emihlanu kuphele umdlalo.
Ngemuva kokuqoqa amaphuzu, iRichards Bay iqede imidlalo yama-play-offs ngamaphuzu amathathu yaqhwakela phezulu etafuleni, kwathi i-University of Pretoria yathatha indawo yesibili kwathi iBaroka yayibamba emsileni ngamaphuzu amabili nje kuphela.
Kube wumdlalo obuthembisa ngamagoli zisuka nje ngesikhathi umdlali wasesiswini weBaroka uSiyabonga Mtombeni ehluleka ukufaka ibhola enethini ebhekene noSalim Magoola ongunozinti.
Emuva komzuzu uThato Mohlamme naye uthole ithuba ukushayela iRichards Bay igoli kodwa wahluleka ukusebenzisa ithuba alinikwe nguYamela Mbuthuma.
UNtsundwana ube esehlukanisa izinhlangothi zombili ngokushaya ibhola ebelivela kuMbuthuma.
Emuva kwemizuzu eyisithupha uBarns uvalelise kuRichards Bay njengoba eseyodlala kuStellenbosch, eshaya i-freekick ehlule unozinti weBaroka, uKatlego Molefe.
UNtsundwana ubuyile futhi wazoshaya elesibili esebenzisa iphutha elenziwe izimbangi ibhola lamdlula kanjalo uMolefe.
Kodwa Molefe, kanozinti weBakgaka ba Mphahlele, uzamile ukuvimba amagoli amaningi njengoba iRichards Bay ibiqhubeka nokufaka ingcindezi kuBaroka ebonakale ilahle ithemba lokubuyela ngamandla emdlalweni.
UMabuya ube esefaka ingcindezi enkulu kuBaroka ngesikhathi efaka phakathi ibhola ebelibuya kuMolefe ezama ukuvimba ibhola likaKhuda Muyaba.
Esithombeni ngenhla: Umgadli weRichards Bay uSomila Ntsundwana ejika abadlali beBaroka FC
Umthombo: PSL