I-Rhythm City iyaphela

Ngemuva kokudlala iminyaka eyi-13 kumabonakude, i-ETV imemezele ngoLwesihlanu ukuthi lo mdlalo osuwine izindondo i-Rhythm City, uyaphela ngowezi-2021.

Umbukiso uzophela mhla zi-16 kuNhlangulana kowezi-2021.

UMqondisi Ophethe kwa-e.tv, uMarlon Davids uthe, “i-e.tv iyaqhubeka nokubeka phambili ekufezeni igunya layo lokukhiqiza okuqukethwe, imidlalo yakuleli engajwayelekile kanye nokunye okufanele, futhi i-Rhythm City iyizuze ngempumelelo ingxenye yayo yesibopho kule minyaka eyi-13 edlule.”

Uthi, i-Rhythm City iqophe umlando emabhukwini abo.

“I-Rhythm City iyitholile indawo yayo emabhukwini omlando wakwa-e.tv, futhi izenzele negama elihle. Sifuna ukudlulisa ukubonga kwethu kubo bonke abaphathi, abasebenzi bezokukhiqiza, kanye nabalingisi ngomsebenzi wabo ongenakuqhathaniswa,” kunezela uMarlon.

Eminyakeni embalwa edlule, lo mbukiso waqokwa njengomunye  wemidlalo ephezulu eyishumi ebukwa kakhulu ezweni futhi wafinyelela isibalo sababukeli abayizigidi eziyi-5.2.

Indawo ye-Rhythm City izothathwa ngomunye umdlalo wakuleli owenziwa nsuku zonke.

Isithombe: eTV.co.za