I-Red bull ihlulekile ukunqoba kwi-Formula 1

Dylan Bettencourt

Ngemuva kokuthola indawo kwi-pole kanye nokuwina umjaho we-sprint uMax Verstappen wehlulekile ukuwina i-Grand Prix yasekhaya ye-Red Bull e-Austria. 

Lo mpetha we-Formula 1 ubehlose ukunqoba i-Red Bull Ring yesithathu ilandelana ngemuva kokukhombisa ijubane elihle kakhulu ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.

Kodwa-ke imoto ebihamba uVerstappen ibingekho ezingeni lakhe elivamile njengoba umshayeli wase-Netherlands edonsa kanzima ukubamba isivinini semoto.

Uzakwabo uSergio Perez ushayisane noGeorge Russel kusanda kuqala umdlalo okumuphoqe ukuthi angawuqedi umdlalo ngenxa yokulimala kwemoto.

Yomibili imizabalazo ye-Red Bull kanye noVerstappen ivumele i-Ferrari ukuthi ihambe phambili bobabili uCharles Leclerc noCarlos Sainz badlula umpetha.

USainz ubebheke ukuphinde adlule uVerstappen ngemuva kokuma ashintshe amasondo abesenenkinga.

Lo mdlali wase-Spain ubefuna ukushiya uVerstappen ngegebe, kodwa uphazanyiswe intuthu yenjini yakhe evele yaba nenkinga.

Imoto kaSainz igqamuke amalangabi kwashabalala ithuba lakhe lokuwina lo mqhudelwano.

Ithemba le-Ferrari bese likuLeclerc naye obebhekene nobunzima ngesikhathi ekhononda nge-throttle pedal ebinenkinga.

ULeclerc ukwazile ukuhlala ezithendeni zikaVerstappen kwaphetha ngokuthi awine i-Grand Prix yakhe yokuqala ngemuva kokunqotshwa yi-Australia mhla ziyishumi kuMbasa.

Lokhu kunqoba kusho ukuthi i-Ferrari iwine i-Grand Prix ngokulandelana ngemuva kokuthi uSainz ewine e-England ngempelasonto edlule.

Ukunqoba okulandelanayo mhlawumbe kunikeze i-Ferrari indlela yokuphila emqhudelwaneni obekubonakala sengathi i-Red Bull ebizowunqoba.

I-Mercedes edonsa kanzima iphinde yahlaba umxhwele ngoLewis Hamilton oqede kwinombolo yesithathu nozakwabo uGeorge Russel olandele ngemuva kwakhe.

UVerstappen akazange azwakale ephoxekile kakhulu emsakazweni njengoba ubezothola ukuba sendaweni yesithathu ngaphambi kokuthi uSainz aphoqwe aphume kumjaho.

I-Red Bull isakulawula kokubili umshayeli ne-constructor standings, kodwa kuzobonakala uma i-Formula 1 ibuya ngomhlaka-24 kuNtulikazi ne-French Grand Prix.

Umthombo wesithombe: @BleacherReport

Izihloko zakamuva