I-Real Madrid isiseduze nokuqopha umlando

IReal Madrid isonqenqemeni lokuqopha umlando – kodwa akuyona ingqophamlando abazoziqhenya ngawo.

Labo mpetha be-UEFA Champions League amahlandla ayi-13 babhekene nokuphuma kwabo okokuqala esigabeni samaqoqo uma behluleka ukuthola amaphuzu aphezulu kusasa ebusuku uma sebedlala nabaholi ba-Group B iBorussia Monchengladbach.

Iziqhwaga zase-Spain zisendaweni yesithathu ku-Group B ngamaphuzu ayisikhombisa kanti kusasa imidlalo yokugcina yomqhudelwano yamaqoqo. Bazosingatha iBorussia Monchengladbach e-Estadio Alfredo Di Stefano ngehora le-10 ebusuku.

Abadlali base-German bangaphambi kweqoqo ngamaphuzu ayisishiyagalombili kanti iMadrid neShakhtar Donetsk banamaphuzu ayisikhombisa iqembu ngalinye, iShakhtar isendaweni yesibili ngenxa yokwehluka kwamagoli.

Umqeqeshi uZinedine Zidane uqophe umlando ngokunqoba lo mncintiswano ebuyela emuva ngowezi-2017 nangowezi-2018, kodwa kulokhu uzithola enza umlando ongafuneki.

ILos Blancos ayikaze yehluleke ukudlula esigabeni samaqoqo emlandweni we-Champions League. Ngaphambi kokuhlulwa kumzuliswano we-16 wesizini edlule, iMadrid ibisifinyelele okungenani kuma-semifinal amasizini ayisishiyagalombili alandelanayo, yanqoba isicoco amahlandla amane ngalesi sikhathi.

Ngemuva kokunqoba ngempelasonto ngegoli elilodwa eqandeni ngesikhathi bedlala neSevilla emdlalweni we-La Liga, uZidane ucashunwe ethi: “Sibhekane nobunzima kodwa leli qembu ligcwele isimilo. Liyaphila ezinseleleni futhi lokhu kunqoba okuzayo kubaluleke kakhulu.”

UZidane ugcine ukubhekana neMonchengladbach ngoMandulo umdlalo waphela zibambene ngo 2-2. Okunye ukudonsa emhlanganweni wakusasa ngeke kwanele iMadrid ikakhulukazi uma iShakhtar inqoba uma isidlala neInter Milan komunye umdlalo ka Group-B.

Ukuphuma esigabeni seqembu eMadrid kungasho ukuphela kwenkathi yendoda yaseFrance kule kilabhu.

Eminye imidlalo ye-UEFA Champions League kusasa: Ajax Amsterdam vs Atalanta (Johan Cruijff Arena, 7.55pm); Midtjlland vs Liverpool (MCH Arena, 7.55pm); Inter Milan vs Shakhtar Donetsk (Stadio Giuseppe Meazza, 10pm); Olympiakos Poraeus vs FC Porto (Stadio Georgios Karaiskaki, 10pm); Manchester City vs Olympique Marseille (Etihad Stadium, ngo-10pm); Salzburg vs Atletico Madrid (Red Bull Arena, 10pm); Bayern Munich vs Lokomotiv Moskva (Allianz-Arena, 10pm).

Izihloko zakamuva