Dylan Bettencourt
Yize i-Qatar ingase iphumelele emkhankasweni wayo wokusingatha iNdebe yoMhlaba ye-Fifa, lelizwe lisazolahlekelwa yizimali ngokuhamba kwesikhathi.
Isizwe esicebe ngegesi sichithe izigidigidi sizama ukulingisa omakhelwane baso i-Dubai kanye ne-Abu Dhabi emizamweni yokuba yizwe elinamandla emhlabeni.
Kule minyaka engu-11 edlule, i-Qatar ichithe cishe u-R3 trillion kwingqalasizinda yokuthuthukisa izwe ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.
Umsebenzi omningi owenziwe e-Qatar wenziwe ngokuzimela emizamweni wezwe wokuba isizinda samabhizinisi esifunda kanye nokwandisa ezokuvakasha ngo-300% ngonyaka ka-2030, kusho isikhulu sikahulumeni sitshela i-Reuters.
Uma kuqhathaniswa nemali esetshenziswe kwiNdebe yoMhlaba edlule, iNingizimu Afrika yona yachitha u-R52 billion kanti i-Brazil yona yachitha u-R183 billion.
Kodwa-ke i-Qatar ayizange isebenzise wonke u-R3 trillion ezinkundleni zebhola kodwa isithuthukise imigwaqo yayo, inethiwekhi kamasipala, ichweba lamanzi ajulile kanjalo nesikhumulo sezindiza esinwetshiwe.
Njengoba kuvame ukwenziwa ngabasingathi beNdebe yoMhlaba, izinkundla eziningi zemidlalo zizobe zingasebenzi ngemuva kokuthi kuphele lo mqhudelwano.
“Kuzodingeka umcabango nomzamo omkhulu ukuze kusetshenziswe kabusha ingqalasizinda eningi ukuze ikwazi ukusebenziseka, ukuze ilungele inhloso engale kweNdebe yoMhlaba,” kusho uRobert Mogielnicki, isazi esiphezulu e-Arab Gulf States Institute e-Washington.
Njengoba i-Qatar inabantu abangu-2.8 kuphela, izwe livumela izivakashi ezinamathikithi omdlalo weNdebe yoMhlaba kuphela ngemizamo yokuvimbela ukuminyana.
UYounes, umphathi we-Lusail Boulevard ebiza u-R4 billion yakwaDoha, uzwakalise ukukhathazeka ngokungabi namuntu ebhilidini uma sekuphele imidlalo yeNdebe yoMhlaba.
“Mhlawumbe wonke la mabhilidi azobe engenalutho ngemuva kweNdebe yoMhlaba. Asazi,” esho, enezela: “Niyawabona wonke la mafulethi? Indawo yokuhlala iningi kakhulu lapha.”
I-International Monetary Fund projects ikhuphule umnotho we-Qatar ngo-3.4%, kodwa lokho kubikezelwa ukuthi kuzokwehla kuye ku-1.7% ngo-2024.
Umthombo wesithombe: @ThePeninsulaQatar
