Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-Qatar ibe ngeyokuqala emlandweni weNdebe Yomhlaba ukuthi ishawelwe ekhaya ngemuva kokuthi iguqiswe i-Ecuador ngamagoli amabili eqandeni enkundleni yebhola i-AI Bayt.
Inyanga yebhola isize yafika njengoba imidlalo isiqalile enkundleni, ngemuva komcimbi wokuvula obumuhle kakhulu e-AI Khor, e-Qatar ngeSonto ntambama.
Bekungumbukiso womhlaba njengoba bekubophelene isihlabani samafilimu sase-America uMorgan Freeman, nomculi weqembu i-Bts uJung Kook kanye no-AI Maftah odume kakhulu ku-YouTube e-Qatar, kanye nabanye abanandisi ohlelweni lwe-seven-act.
Ngesikhathi sekuqediwe ukunandisa, i-Qatar ithatheke kakhulu ngezingabunjalo leNyakatho yaseMelika— ngegoli elishawe ngukaputeni we-Ecuador kanye nomshayi wamagoli owaziwayo u-Enner Valencia oshaye igoli elingavunywanga emizuzwini eyisithupha.
UValencia ushaye iphenathi ngemuva kwemizuzu eyishumi, waphinda washaya elinye ngaphambi kokuthi kuphele isiwombe sokuqala okuvele kwayethusa i-Qatar.
I-Qatar izophoxeka ngokushawa ngale ndlela eshawe ngayo njengoba bengakwazanga nokuthola igoli lokubika. Kungokokuqala kwiNdebe Yomhlaba ukuthi iqembu lihlulwe ukuzama ukushaya igoli, ngemuva kokwehluleka kweMelika ngo-1994 bebhekene ne-Brazil.
I-Qatar ilindeleke ukuthi ivuke izithathe emidlalweni emibili ezayo lapho izobe ibhekene ne-Senegal kanye ne-Netherlands.
NgoMsombuluko i-England izobe idlala ne-Iran emdlalweni ozobe ubhekwe kakhulu eqenjeni likaGareth Southgate elafika kowandulela amanqamu ngo-2018, kanti nezinsephe zase-Afrika i-Senegal izobe ibhekene nezika Virgil Van Dijk i-Netherlands. I-USA yona izodlala ne-Wales ebusuku.
Okusesithombeni esingenhla: Umcimbi wokuvula iNdebe Yomhlaba yango-2022 owubukhazikhazi.
Umthombo wesithombe: @fifaworldcup