Menzi Magubane
Isimo siya ngokushuba phakathi kwe-Premier Soccer League (PSL) ne-Cape Town City esabisa ngokubambezela ukuphela kwesizini ye-DStv Premiership ehlelelwe ukuphela ngomhlaka-21 kuNhlaba.
I-City inqabile ukuhlonipha umdlalo oyimpinda ne-Kaizer Chiefs oyalelwe ngummeli we-SA Football Association uNazeer Cassim SC ngoNdasa.
I-PSL iye yadlulisela lolu daba eNkantolo eNkulu yaseGoli.
Embikweni oputshuziwe, i-PSL ithe lolu daba luzolalelwa ngomhlaka-10 kuNhlaba futhi kuvunyelwene ngokuthi alikho iqembu elizozama ukuvimba ukuqedwa kwesizini kanobhutshuzwayo yango-2022 kungakhathalekile ukuthi inkantolo enkulu ithini.
“Uma iligi iphumelela esicelweni sokubuyekeza, i-log izolungiswa ikhombise umphumela kube sengathi imidlalo ayizange idlalwe,” kusho umbiko.
Uqhube wathi uma i-Chiefs iphumelela esicelweni sokubuyekeza, i-log izoveza umphumela wemidlalo ephindiwe.
“I-Kaizer Chiefs iyakwamukela ukuthi noma ngabe isicelo sokubuyekezwa siyalalelwa ngemuva kokuphindwa kwemidlalo indaba ngeke ixazululwe.”
Kodwa-ke, i-City ephendule ngolaka ikubeke kwacaca ukuthi ayihambisani nokushiwo i-PSL kulo mbiko.
“Kuyadabukisa ukuthi sesitshelwe ukuthi i-Circular No.16 ye-National Soccer League isiwumbhalo osesidlangalaleni okusishiya singenayo enye indlela ngaphandle kokusho ukuthi siyaziqhelelanisa nalokhu,” kufundeka isitatimende se-City.
“Izinkulumo zokuthi siyingxenye yalesi sinqumo azilona iqiniso. Asihambisani neze nalolu hlelo futhi sesiphendule ngokubhalela uphiko nezinhlaka izikhathi ezimbili manje, sigodla amalungelo ethu njengeqembu ukuvikela isikhundla sethu kule ndaba.”
UCassim uthathe uhlangothi lwe-Chiefs ngemuva kokuthi ingakwazanga ukuhlonipha imidlalo emibili ibhekene ne-City kanye ne-Golden Arrows ngoZibandlela ngenxa yokubheduka kwe-Covid-19 e-Naturena njengoba abantu abangaphezu kwabangu-50 batholakala betheleleke ngaleli gciwane.
Ummeli uye wakhipha umyalelo wokuthi Amakhosi ayiphinde leyo midlalo kodwa i-PSL iye yasiphikisa leso sinqumo yasidlulisela eNkantolo eNkulu.
Umthombo wesithombe: @IOL