Lubhalwe nguDylan Bettencourt
- Ibhodi labsphathi le-PSL lizohlangana mhlaka-11 kuMbasa ukuze liqinisekise ukuxoshwa kwe-Royal AM ngemuva kwezinyanga zezinxushunxushu nokungadlali imidlalo.
- Izinga leqembu le-DStv Premiership liphazamiseke ngemuva kokubhuntsha ukuthengwa endalini kanye nesikweletu sentela sika-R40 million esivela kwa-Sars.
Isikhathi se-Royal AM ku-Betway Premiership sibukeka sesiphelile.
I-Premier Soccer League (PSL) ilungiselela ukuxosha leli qembu eliphethwe ngusomabhizinisi wesifazane ophinde abe yisihlabani sakumabonakude uShauwn “MaMkhize” Mkhize, ngemuva kwezinyanga enenkinga yezimali.
Umsakazi osemnkantshubomvu wezemidlalo, uRobert Marawa, uveze lezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana, wathi isinqumo siwujuqu.
“Ngokusho kweMarawa Scorpions, i-PSL isemathubeni okuxosha iRoyal AM,” ubhale kanje ku-X.
UMarawa wengeze ngokuthi umnikazi weqembu ngeke athole lutho ngoba vele selifakwe ehlathini.
IRoyal AM yafakwa ngaphansi kothile yi-South African Revenue Service (Sars) ngoLwezi nyakenye ngemuva kokwehluleka ukukhokha isikweletu sentela sika-R40 million.
Kusukela lapho, izinto ziye zaba zimbi kakhulu. Leli qembu alikaze liwudlale umdlalo we-Premiership kusukela ngoZibandlela kanti lisangene enkundleni izikhathi ezingu-11 kuphela kule sizini.
Liphinde laphuthwa yimidlalo eminingi kanti i-Fifa isilivimbile iqembu ukusayinisa abadlali abasha.
Abadlali bebelokhu beshiya ngenxa yokungakhokhelwa, futhi indali yakamuva yokudayisa iqembu ibhuntshile njengoba obewinile engayiphasanga eyokuhlolwa kwa-Sars futhi wangakhokha.
Manje isigungu esiphezulu sabaphathi be-PSL sesiphakamise ukuthi kuhoxiswe ubulungu beqembu.
Encwadini ebonwe yi-Sowetan, lolu phiko lusola ithimba laKwaZulu-Natal ngokwehluleka ukufeza izibopho zalo nokunikeza imininingwane engamanga ekuvuseleleni ubulungu balo. Iphinde ithi iqembu lidlulise amasheya ngendlela ephule imithetho.
Umhlangano ophuthumayo weBhodi Lababusi be-PSL usubizelwe uLwesihlanu, mhlaka-11 kuMbasa e-Sandton Convention Centre. Kodwa njengoba isigungu esiphezulu sesivele sifuna ukuxoshwa kweqembu, kulindeleke ukuthi kube ujuqu.
Uma iRoyal AM ikhahlelwa ngaphandle, imiphumela yayo izosulwa futhi iligi iqhubeke namaqembu angu-15 kuphela.
Esithombeni esingenhla: UMamKhize.
Umthombo wesithombe: File