I-PSL izimisele ngokujezisa iRoyal AM

Linda Ximba

I-Scrolla.Africa sithole ngokuthembekile ukuthi iRoyal AM ingalindela isijeziso esinzima ngokungayihloniphi imidlalo yayo yokuhlungela ukukhushulelwa kwi-PSL.

Leli qembu laseThekwini alizange lingene enkundleni ngesikhathi kuhlelwe ukuthi lihlangane neChippa United neRichards Bay e-Chatsworth Stadium ngesonto eledlule.

Ukwenqaba kwabo ukudlala leyo midlalo kungatolikwa njengokuziphatha kabi okwedlulele nokuletha iligi ehlazweni.

IRoyal AM ithe bekungadingeki ukuthi ibambe iqhaza kuma-play-off ngoba ithole ukukhushulwa ngendlela elungile, okuyinto ababenomuzwa wokuthi vele isixazululwe enkantolo.

Umshushisi we-PSL uNandi Becker ukuqinisekisile ukuthi bazobiza uhlangothi lomnikazi weRoyal AM uShawn Mkhize ngaphambi kweKomidi eliqondisa izigwegwe.

“Ukwehluleka kwabo ukuhlonipha umdlalo obuhleliwe bekungukwephula imithetho ye-National Soccer League,” kusho uBecker.

Zombili izikhulu zeRoyal AM, uSinky Mnisi noSthembiso Hlongawane, bazishaye indiva izicelo zokuthi baphawule ngecala lokuqondiswa kwezigwegwe okulindeleke ukuthi liqhubeke.

Khonamanjalo, iChippa United isondele ekutheni igcine isithunzi sayo ku-DStv Premiership njengoba idlale ngokulingana neRichards Bay FC ngo 1-1 eMhlathuze Sports Complex Stadium ngoMgqibelo ebusuku.

IChippa iqhubile ngomzuzu wams-57 ngesikhathi uPeter Maoisane eqeda eduze kodwa umgadli ongumakadebona uSiyabonga Vilane walungisa izinto ngomzuzu wama-73 ngemuva kokushaya igoli.

IChippa isiqoqe amaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu esayidlalile kanti umdlalo wayo wokugcina izowudlala neRoyal AM e-Port Elizabeth ngoLwesithathu. Le kilabhu ezinze eThekwini kulindeleke ukuthi igweme ukudlala.

Izihloko zakamuva