
Razeen Gutta
I-Premier Soccer League (PSL) kubikwa ukuthi isifake isiphakamiso kuhulumeni sokuthi ifuna abalandeli abangu-50% ezinkundleni ngaphambi kokuthi kuphele isizini.
I-Soccer Laduma ibike ukuthi lesi siphakamiso sesinesikhathi eside sisebenza futhi sesingasebenza njengoba isibalo sabantu abahaqwe i-Covid-19 sehlile eNingizimu Afrika.
Abalandeli bebhola ezweni lonke bebelokhu befuna ukuthi izinkundla zivulwe isikhathi eside. Lezi zidingo ziphenduke imibhikisho emdlalweni we-Soweto derby wangempelasonto edlule, lapho izinkulungwane zabasekeli zigcwala emigwaqeni zifuna ukuthi abalandeli baphinde bangene ezinkundleni.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uNocawe Mafu uthe ngesonto eledlule ezemidlalo zibalulekile emnothweni futhi uMnyango wenza konke ongakwenza ukuze kubuye abalandeli.
“Engingakusho ukuthi, uMnyango ufaka ingcindezi kuhulumeni ukuthi enze isiqiniseko sokuthi abalandeli babuyela ngempela ezinkundleni, futhi siyethemba ukuthi kuzokwenzeka maduze.,”
“Into enginesiqiniseko ngayo ukuthi ezemidlalo zibalulekile kubantu baseNingizimu Afrika. Futhi uma kukhulunywa ngokwakhiwa kabusha komnotho, ezemidlalo zibalulekile,” kusho uMafu etshela i-DiskiTimes.
“Uma abalandeli beya enkundleni, abayi mahhala bayakhokha. Futhi kukhona abantu abasha abaphila ngokwenza imisebenzi emincane namabhizinisi amancane, ngoba bathengisa lapha enkundleni. Abantu bethu kumele bahlale ethembeni.” Kwengeza uMafu.
Lesi siphakamiso siza njengoba sekusondele iminyaka emibili abalandeli bengakwazi ukubuyela ezinkundleni.
Selokhu kuqale umvalelandlini abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bakwazile ukubuka imidlalo emibili kuphela enkundleni yezemidlalo – oweBafana Bafana ne-Ethiopia kanye nowamanqamu we-MTN8.
Umthombo wesithombe: @Sport24