Menzi Magubane
I-Kaizer Chiefs isalinde ukuzwa isinqumo se-Premier Soccer League (i-PSL) mayelana nesicelo sayo sokuthi kuhlehliswe imidlalo yayo emihlanu ye-DStv Premiership.
I-Chiefs ibhalele i-PSL ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi abadlali abangama-31 nabasebenzi bahlolwe batholakala betheleleke nge-Covid-19.
Ngosuku olulandelayo i-Chiefs ayizange ilubhade emdlalweni wayo wobungani ne-Cape Town City kwaphoqeleka ukuthi izikhulu ziwuyeke.
“Akukacaci okwamanje ngemuva kokuxoxisana ne-PSL ngoLwesihlanu,” kusho uVina Maphosa ongumxhumanisi we-Chiefs nabezindaba.
Ngokwemithetho yeligi ukunqoba ngamagoli amathathu eqandeni kufanele kunikwe iqembu ebelikhona enkundleni. Kulokhu, lelo qembu i-Citizens ekhombise ukuhlonipha lowo mdlalo. Ngaphezu kwalokho i-Chiefs ingase ihlawuliswe imali engafika kusigidi esisodwa samarandi ikomidi eliqondisa izigwegwe kule ligi.
Ebhukwini le-PSL lithi alikho iqembu elingacela kuhlehliswe umdlalo ngezizathu ezithinta i-Covid.
Ukwesula kukaNande Becker, ongumshushisi we-PSL, kungase kuveze ezinye izindaba ezimbi ku-Chiefs. Njengoba engekho umshushisi, i-PSL ayikwazi ukuba nemihlangano ye-DC kuze kube kuqokwa umshushisi omusha.
Umdlalo olandelayo we-Chiefs uhlelelwe ukuthi udlalwe ngoLwesithathu oluzayo ne-Golden Arrows eThekwini.
I-PSL isike yabhekana nezinkinga ezifanayo phambilini. Ekuqaleni kwalo nyaka i-Cape Umoya yehluleka ukuya emdlalweni we-GladAfrica Championship iyobhekana ne-Cape Town Spurs ngemuva kokuthi abadlali abaningi bathole ukuthi banegciwane.
I-Spurs yawina ngamagoli amathathu eqandeni kanti i-PSL yaphinde yathi i-Covid-19 angeke ibe izaba zokuhlehlisa umdlalo.
Iligi isazoqinisekisa ukuthi ngubani ozovala isikhala sikaNande Becker onamava njengoba sekusondele iphuzu laphakathi nesizini. Sekuzobonakala ukuthi kuzokwenzekani ngaphambi koLwesithathu njengoba iligi isaqhubeka nokungawanaki Amakhosi.
Ngokwemigomo ye-Covid-19, uma uthola ukuthi unalo leli gciwane kudingeka uziqhelelanise nabantu izinsuku eziyisikhombisa kuya kweziyi-14.
Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs