I-PSL iphikisa esivuna i-Chiefs

Menzi Magubane

Kungenzeka iphele  injabulo kwi-Kaizer Chiefs njengoba sekuvela izindaba zokuthi i-Premier Soccer League (PSL) ihlela ukudlulisela eNkantolo eNkulu udaba lwayo.

NgoLwesihlanu olwedlule, iJaji uNazeer Cassim SC unikeze Amakhosi imvume yokuthi kumele adlale imidlalo emibili angayihloniphanga ngoZibandlela ngenxa yokubheduka kwe-Covid-19.

Umthombo osondelene ne-PSL uthe lezi zinguquko zilithusile iqembu.

Amakhosi kuzomele ayiphosele inselelo i-PSL njengoba uCassim efike esiphethweni sokuthi bekungaba ubudedengu ukube iqembu lakhipha abadlali ngaleso sikhathi senhlekelele ababebhekane naso.

Lesi sinqumo, sithuse i-Cape Town City ne-Golden Arrows, amaqembu amabili abonakale ezinkundleni ezohlonipha imidlalo yawo ne-Chiefs.

Usihlalo we-Citizens uJohn Comitis ubize isinqumo sikaCassim “njengo suku olumnyama ebholeni laseNingizimu Afrika.”

Kuthathe i-PSL cishe isonto lonke ukuthi iphendule ngesinqumo futhi isiphendule ngendlela eshaqisayo.

Kuzwakale ukuthi isigungu esiphezulu se-PSL sesithumele incwadi kwi-Chiefs ekhuluma ngezinhloso zayo.

Khonamanjalo, i-PSL izoba nomhlangano ngoLwesibili oluzayo lapho kuzoxoxwa khona ngokubuyela kwabalandeli ezinkundleni.

Uhulumeni usewanikeze wonke amakhodi ezemidlalo ilungelo lolufaka abantu okungenani abangu-50% enkundleni inqobo nje uma abalandeli begonyiwe.

I-PSL ingase iphoqeleke ukuthi ibize umnikazi we-TS Galaxy uTim Sukazi ekomidini lokuqondisa izigwegwe ukuze aziphendulele ngesitatimende sakhe esishaqisayo ku-Radio 2000 lapho ebebuza khona ubuholi beligi. 

USuzaki uthe isikhulu esiphezulu uMato Madlala ungumnikazi wethimba, osekudale ukushayisana kwemibono.

“Ngiyazibuza ukuthi abaxhasi bazizwa kanjani ngokungqubuzana nomphathi weligi ophethe iqembu. Ngithanda ukukhuluma nabe-DStv sixoxe ngalokhu nokuzwa ukuthi bazizwa kanjani ngakho. Le ndaba ibucayi kakhulu,” kusho uSukazi.

Umthombo wesithombe: @SportsClubMagazine

Izihloko zakamuva