I-PSL inqabela abathandi bebhola likanobhutshuzwayo ukuya ezinkundleni

Menzi Magubane

Abathandi bebhola likanobhutshuzwayo abaningi bazwakalise ukuphoxeka kwabo ezinkundleni zokuxhumana futhi basola uhulumeni ngokungabavumeli ukuthi babuyele ezinkundleni zezemidlalo.

Kodwa abalandeli abebegxeka uhulumeni ne-South African Football Association (i-SAFA) befuna ukuqhubeka nokukhomba abantu ngeminwe, kufanele bakhombe i-Premier Soccer League (i-PSL).

Ngemuva kokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ehlise izinga lezwe labuyela kuzinga lokuqala lomvalelo ngenyanga edlule, izinto eziningi, okuhlanganisa nezemidlalo, zavunyelwa ukuthi ziqale phansi ngaphansi kwemithetho ye-Covid-19.

UNgqongqoshe wezeMidlalo uNathi Mthethwa, kanye noNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Joe Phaahla, bavumelana ne-SAFA ukuthi bavumele isibalo esilinganiselwe sabalandeli abagonyiwe ukuthi babuyele ezinkundleni.

I-SAFA isebenzise umdlalo weBafana Bafana ne-Ethiopia enkundleni yezemidlalo i-FNB emasontweni amabili edlule ukuzwa amanzi ngobhoko ngokuvumela abalandeli abayizi-2 000 ukuthi babukele lowo mdlalo ngaphansi kombandela wokuthi bagonyiwe.

Yize inkundla yezemidlalo i-FNB ingathatha abantu abangaphezu kwabayizi-90,000 bekujabulisa ukubona abalandeli abayizi-2 000 futhi.

Kuyaqondakala ukuthi abanye abalandeli bebecabanga ukuthi njengoba i-SAFA ivumele labo balandeli abayizi-2 000 ukuthi babukele ibhola bukhoma, bazovunyelwa ukuthi babuyele ezinkundleni ukuyoseka amaqembu abawathandayo ku-DStv Premiership.

Kodwa bafikelwe ukuphoxeka ngesikhathi i-PSL ikhipha isitatimende esehlukene nalesi esishicilelwe i-SAFA, ithi bebengakakulungeli ukwamukela abalandeli ezinkundleni.

Ngemuva kokuxoxisana ne-SAFA, i-PSL ithe: “Kuze kube kufika isikhathi esifanele, umthetho we-PSL we-Covid-19 usaqhubeka nomkhawulo wenani labantu abayi-165 abadingekayo enkundleni”.

Ngokombiko we-PSL, umdlalo wamanqamu we-MTN8 ozayo phakathi kwe-Mamelodi Sundowns ne-Cape Town City enkundleni yezemidlalo i-Moses Mabhida uzosetshenziselwa ukuhlola izimiso ezizosetshenziswa.

Kodwa abantu abayi-165 enkundleni yezemidlalo engathatha abantu abayizi-50,000 kuyihlaya. Hlobo luni lwezinqubomgomo okumele luhlolwe?

Kulabo bantu abayi-165, abangama-55 kuzobe kungabezindaba kanti abanye bazogcwaliswa yizicukuthwane okusho ukuthi abalandeli ngeke bavunyelwe.

Sekukonke, i-PSL ibenzele phansi abathandi bebhola kanti njengoba sekukhulunywa ngegagasi lesine le-Covid-19, akubukeki sengathi labo balandeli bazobuya maduze.

Umthombo wesithombe: @yeswecrann

Izihloko zakamuva