“I-Project Red Card” ihlose ukuphenya izinkampani ezisebenzisa imininingwane yabadlali, ngokubheja nakwezemidlalo

Dylan Bettencourt

Owayengumphathi we-Cardiff City uRussel Slade uhola i-Project Red Card, umkhankaso obandakanya abadlali bebhola abangaphezu kwabangama-850, abafuna ukukhokhelwa ukusetshenziswa kwedatha yabo ngaphandle kwemvume yabo.

Abadlali bebhola bathi izinkampani zemidlalo, ukubheja nezemidlalo zisebenzisa imininingwane yabo kanye nemininingwane yokusebenza ngokungemthetho.

Ithimba labammeli bakwa-Slade lithe ukungatholi nkokhelo kwabadlali ngokusetshenziswa kwedatha yabo yizinkampani baphula imithetho ye-General Data Protection Regulation (i-GDPR).

Lolu hlelo lubandakanya abadlali bamanje nabathathe umhlalaphansi abaphuma kwi-English Premier League, i-English Football League, i-National League kanye ne-Scotland Premiership.

Le phrojekthi ilwela ukuthola isinxephezelo seminyaka eyisithupha edlule yokusetshenziswa kwedatha ngokwesimiso semikhawulo eMthethweni waseBrithani.

Abadlali bangaba sethubeni lokuthola imali engaphezu kweyizi-R100,000 umuntu ngamunye ngokusetshenziswa kwemininingwane yabo.

“Sinesiqiniseko sokuthi singanqoba uma kungathiwa siya enkantolo,” kusho uSlade etshela i-The Guardian.

Kwesinye isigameko esifanayo, umdlali webhola wase-Sweden uZlatan Ibrahimovic ubuze ukuthi ukusetshenziswa kwabadlali emdlalweni wevidiyo odumile i-FIFA kulungile yini, kwazise ubengabanikanga imvume yokusebenzisa isithombe sakhe.

“Futhi nakanjani angikaze ngivumele i-FIFA noma i-Fifpro ukuthi yenze imali ngokungisebenzisa. Umuntu othile wenza inzuzo ngegama lami nobuso bami ngaphandle kwesivumelwano yonke le minyaka. Isikhathi sokuphenya,” kubhale isihlabani se-AC Milan ku-Twitter.

Izihloko zakamuva