Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Womahlanu amaqembu ase-Afrika ahlulekile ukuwina imidlalo yawo yokuqala kwiNdebe Yomhlaba e-Qatar njengoba i-Portugal iguqise i-Ghana ngamagoli amathathu kwamabili ngoLwesine.
Lo mdlalo bekungathi uzophetha ngendlela engeyinhle njengoba isiwombe sokuqala siphele kungekho nelilodwa igoli elisangenile, namathuba abeyivela kancane emaqenjini womabili.
Kuze kwajatshulwa ngesikhathi uChristiano Ronaldo elifaka enethini kodwa alizange libalwe igoli ngoba kuthiwe udlale kabi.
Kuphinde kwaba uRonaldo futhi oshaye igoli, ngephenalthi yakhe emenze waba uyena yedwa umdlali oshaya amagoli ezindebeni zomhlaba eziyisihlanu ezahlukene.
Lo mdlali oneminyaka engu-37 ubebona engathi igoli elilodwa lanele ukuwinisa iqembu lakhe kodwa akubanga njalo njengoba i-Ghana ishaye igoli lokulinganisa ngemuva kwemizuzwana lishaywa u-Andrew Ayew.
Lo mdlalo ububukeka engathi uzophela ngamagoli alinganayo, kodwa bese kusele imizuzu eyishumi ngesikhathi uJoao Felix evuthela igoli elenze i-Portugal yahamba phambili.
Kuhlwe emini kwi-Ghana ngesikhathi uRafael Leao eshaya igoli lesithathu ebekungelokugcina le-Portugal.
Noma u-Osman Bukari elishayile igoli lesibili le-Ghana kodwa umdlalo uphele kusayi-Portugal ehamba phambili.
Bese kusele iskhathi esengeziwe ngesikhathi unozinti we-Portugal uDiago Coasta ebeka ibhola phansi engaboni ukuthi kukhona umdlali we-Ghana ngemuva kwakhe ocishe walithatha ibhola washaya igoli lokulingani.
Umphathi we-Portugal, uFernando Santos uzoyijabulela imiphumela njengoba nomdlalo we-Uruguay kade ibhekene ne-South Korea uphele ngokulingana.
Abawina i-European Championship ngo-2016 sebeyazi ukuthi ukunqoba kwabo emdlalweni wangoMsombuluko ebusuku yikho okuzobadlulisela ezigabeni ze-knockout e-Qatar.
I-Ghana ohlangothini lwayo kuzofanele iwine emidlalweni eyisalele uma befuna ukuqhubekela phambili.
Njengoba wonke womahlanu amaqembu ase-Afrika aseyidlalile imidlalo yawo yokuqala, alikho elikwazile ukunqoba.
I-Morocco ne-Tunisia kuphela amaqembu athole amaphoyinti ngenxa yokuthi imidlalo yabo yaphela zimbambene, kanti i-Cameroon, i-Senegal kanye ne-Ghana bona bashayiwe.
Esithombeni esingenhla: Ukubungaza kukaCristiano Ronaldo
Umthombo wesithombe: @CristianoXtra