I-Portugal iguqise i-Switzerland kweyoMhlaba

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Umgadli osemncane we-Portugal uGoncalo Ramos ungene esikhaleni sikaCristiano Ronaldo wenza ezibukwayo nozakwabo ngesikhathi beshaya into ecokeme behlula i-Switzerland ngo 6-1 ngoLwesibili ebusuku.

Ngaphambi kokuthi umdlalo uqale uRonaldo uphinde waba sematheni ngemuva kokuthi umqeqeshi we-Portugal, uFernando Santos ememezele ukuthi uzomhlalisa ebhentshini.

URamos (21) ube usefakwa esikhaleni sikaRonaldo emdlalweni wakhe wokuqala we-Portugal njengoba ingene  kwayisishiyagalombili ahamba phambili e-Qatar.

Lo mdlali osemncane we-Benfica uthathe imizuzu engu-17 kuphela wasebenzisa ithuba alinikiwe ngesikhathi eshaya igoli elimangalisayo.

I-Portugal ibihamba phambili futhi ibiphethe umdlalo kwathi ngemuva nje kwesigamu sehora uPepe washaya igoli lesibili.

Lo mdlali (39) ube ngumdlali omdala kunabo bonke ukushaya igoli esigabeni somkhumulajezi emlandweni weNdebe yoMhlaba.

Iphupho likaRamos lokuqala libe ngcono kakhulu emizuzwini emihlanu kuqale isiwombe sesibili ngesikhathi eshaya igoli lakhe lesibili kulo mdlalo enza iqembu lakhe lihole ngamagoli amathathu.

Umdlalo ubumuhle kakhulu kanti ngemuva kwemizuzu emine umdlali wasemuva uRaphael Guerreiro ushayele i-Portugal igoli lesine.

I-Switzerland ibiyazi ukuthi ayitholanga lutho ngaphandle kwegoli lokuziduduza elishaywe umdlali wasemuva we-Manchester City, uManuel Akanji elishaya ekhoneni.

Lo mdlali osemncane uphinde washaya elinye igoli ngobusuku angasoze abukhohlwa.

Ngesikhathi umdlalo usuzophela, izihlwele zijabule okokugcina ngesikhathi uRonaldo egqoka ijezi lakhe ukuze adlale imizuzu engu-20 yokugcina.

Kungenzeka ukuthi owake wadlalela i-Manchester United ulahlekelwe ifomu yakhe enkundleni, kodwa ngokuqinisekile akakalahlekelwa ukuthandwa ngabalandeli bakhe.

Kubikwa ukuthi uRonaldo uqale ebhentshini kulandela ukungaboni ngaso linye nomqeqeshi uSantos ngemuva kokukhishwa ngesikhathi bedlala ne-South Korea ngoLwesihlanu olwedlule.

I-Portugal ithole igoli lokugcina lesithupha elishaywe uRafael Leao ekhoneni elingezansi kwesokudla.

I-Portugal idlulele esigabeni somkhumulajezi okokuqala ngqa kusukela ngeNdebe yoMhlaba yango-2006 ihlula i-Switzerland.

Okulandelayo kompetha base-Europe bango-2016 umdlalo onzima neqembu eliphuma eNyakatho ye-Afrika, i-Morocco ngoMgqibelo.

Esithombeni esingenhla: UGoncalo Ramos

Umthombo wesithombe: @FifaWorldCup

Izihloko zakamuva