
Menzi Magubane
Ukuqhubeka kwamaBhakabhaka kowe-CAF Confederation Cup kwenze abalandeli bawo bakholwa ukuthi uma iwina lo mqhudelwano amaBhakabhaka azoba nesiqiniseko sokungena kwi-Champions League ngesizini ezayo.
Nokho imithetho ye-Confederation of African Football (i-CAF) iphambene nemibono yabadlali abaningi abathembekile eqenjini lamaBhakabhaka.
Imithetho ye-CAF ithi ukuhlungela kokungena kwi-Champions League kungatholakala kuphela uma iqembu lingabekwa endaweni eyodwa noma ezimbili kumaligi aphezulu angu-12 kwi-CAF njengoba kuzothathwa amaqembu angu-12 okuqala.
“Owine i-CAF Confederation Cup kumele abe ingxenye yohlelo olulandelayo lwe-CAF Confederation Cup ngaphandle uma edlala kwi-CAF Champions League ngesizini efanayo,” kusho isigaba sesine se-CAF okungumthetho weshumi nantathu.
Lokhu kusho ukuthi amaBhakabhaka kuzomele athuthukise imiphumela yawo kwi-DStv Premiership futhi aqede endaweni yesibili ukuze azibekisele indawo kwi-Champions League ngesizini ezayo.
I-Pirate igcine ukungenela i-Champions League ngesizini yonyaka ka-2019 no-2020 lapho eyakhishwa khona emizuliswaneni yokuqala.
Kodwa ngaphambi kwalokho benze kahle ikakhulukazi ngo-1995 lapho baba iqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukunqoba i-Champions League.
Ngo-2013 nango-2015 bafinyelela kowamanqamu kwi-Champions League naku-Confederations Cup.
Umqeqeshi wamaBhakabhaka uMandla Ncikazi usekubeke kwacaca ukuthi ufuna iqembu libuyele ebholeni le-Champions League.
“Akukhona ukuthi ngibukela phansi i-Confederation Cup kodwa ngifuna iqembu lingene esigabeni esikhulu,” kusho uNcikazi.
AmaBhakabhaka angene kowandulela owamanqamu e-Confederations Cup kanti iasalelwe imidlalo emibili ukuthi iafinyelele kowamanqamu uma ienqoba i-Al Ahli yase-Libya ekuqaleni kwenyanga ezayo.
UNcikazi ukholwa ukuthi umlando ubabuyisela emuva njengoba leli qembu selike lafinyelela kowamanqamu phambilini.
“Sike saba semiqhudelwaneni yase-Afrika phambilini. URoger De Sa no-Eric Tinkler baya kowamanqamu ngo-2013 nango-2015. Iqembu lanqoba isicoco ngo-1995 angicabangi ukuthi kukhona okusha ngokufinyelela kowamanqamu.
“Kodwa sisemqhudelwaneni wokuwunqoba asikho emqhudelwaneni wokubala izinombolowezibalo,” kusho uNcikazi.
Umthombo wesithombe: @SoccerLaduma