Menzi Magubane
I-Swallows FC ingase ibhekane ne-Orlando Pirates engenazwelo ku-DStv Premiership ngoMgqibelo ku-Soweto derby e-Dobsonville Stadium ngehora lesihlanu ntambama.
I-Pirates isavutha bhe ngokudlala ingatholi amagoli emdlalweni wayo ne-ES Setif ekhaya ngoLwesithathu nokubambezeleka komdlalo wabo wokuhlungela ama-quarter final e-CAF Confederation Cup.
Ngokusho komdlali wabo wasesiswini uFortunate Makaringe manje bagxile kwizimbangi zabo ezilandelayo futhi bazokhiphela izinhlungu zabo kuzo.
“Impela siphoxekile ngomphumela esiwutholile ekhaya. Ukube siwunqobile lowo mdlalo ngabe sikhuluma ngama-quarterfinal manje. Kodwa lowo mdlalo usuphelile futhi usushunqiswe uthuli, manje sesigxila komunye olandelayo. Sidinga ukunqoba ngazo zonke izindlela,” kusho uMakaringe.
Lo mgadli wengeze ngokuthi ukubuyela kwabo emuva kwi-Confederation Cup ngeke kubaphazamise ekufezeni izinhloso zabo.
“Umqondo wethu ukuthi uma singeke siphumelele kumele singahlulwa. Lokho kuzosisiza kule midlalo esele kule sizini. Okuhle ukuthi umoya wokulwa phakathi kwethu ukhona. Sisebenza kanzima ukukhuthazana,” kwengeza lo mdlali wangaphambilini we-Maritzburg United.
Umqeqeshi we-Bucs uJosef Zinnbauer unesinqumo esikhulu okumele asithathe ngaphambi kwempi yabo ne-Swallows. Ngabe uzophuma asebenzise iqembu lakhe eliqinile noma uzophumuza abanye abajwayelekile emqhudelwaneni omqoka ne-Enyimba emdlalweni wokugcina ku-Group A ngoLwesithathu oluzayo?
I-Pirates izobhekana ne-Enyimba yazi ukuthi ukudlala ngokulingana kuzokwanela ukuyenza ukuba yedlulele phambili. NgoLwesine ebusuku i-Enyimba ihlulwe ngegoli elilodwa eqandeni yi-Al Ahly Benghazi kanti manje abazongenela ama-quater final abaku-Group A bazoqokwa ngoLwesithathu.
Kusazobonakala ukuthi yiliphi iqembu likaZinnvauer elizodlala ne-Swallows ukufuna amaphuzu aphezulu ukuze kugcine ingcindezi eqenjini elihamba phambili kwi-Premiership.
IziNyoni ngakolunye uhlangothi zinenhloso yazo ngamaphuzu aphezulu. Ngemuva kokuqala isizini njengendlu yomlilo, i-Swallows ibukeka izophucwa isicoco seligi.
Ukuphela kwento okufanele bayilwele manje indawo yesishiyagalombili ephezulu futhi ukunqoba i-Bucs kungaba isinyathelo esiqonde empumelelweni.