I-Pirates ithi izozibamba ziqine kowe-CAF

Menzi Magubane

Nakuba engene ngonyawo olulodwa kowamanqamu we-CAF Confederation Cup, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, uxwayise abadlali bakhe ngokuthi bangazitheli ngabandayo uma sebebhekene ne-Al Ahli Tripoli emlenzeni wesibili.

AmaBhakabhaka ahamba phambili ngo 2-0 njengoba enqobe e-Libya ngeSonto eledlule kanti umdlalo womlenze wesibili uzoba senkundleni yezemidlalo i-Orlando ngeSonto ngo-6 ntambama.

UNcikazi akafuni ukukhululeka njengoba ekholwa wukuthi iqembu lase-Libya lidlala kahle.

“Sizihola phambili nje, umdlalo awukapheli. Kusayiwe ekhefini. Bangenza into efanayo naleyo esiyenze ngeSonto eledlule kumele singazitheli ngabandayo ekhaya, umdlalo sizowuphatha ngendlela,” kusho uNcikazi.

Ngokungafani nemiqhudelwano ye-UEFA, umthetho wegoli lasekuhambeni usasebenza emiqhudelwaneni ye-CAF. I-Bucs izothembela kulawo magoli emdlalweni wasekhaya.

Uma i-Pirates ikwazile ukufinyelela kowamanqamu walo mqhudelwano, uNcikazi uzoba ngumqeqeshi wesibili ukwenza lokhu eqenjini. Owokuqala kwaba nguRoger De Sa ngo-2015 kanti lokho kwaba ngokokugcina i-Bucs ifinyelela kowamanqamu.

Uma i-Pirates idlulela kowamanqamu ngeSonto, kungenzeka ibhekane ne-TP Mazembe (yase-DR Congo) noma i-RSB Berkane (yase-Morocco). Njengoba izinto ziqhubeka, i-Mazembe ihamba phambili ngemuva kokushaya i-Berkane ngo 1-0 ekhaya ngeSonto eledlule.

Umlenze wesibili uzoba e-Morocco kuleli Sonto kanti ozowina uzohlangana ne-Bucs noma i-Tripoli e-Nigeria. NgoLwesithathu ntambama, i-CAF imemezele ukuthi umdlalo wamanqamu we-Confed Cup uzodlalwa e-Godswill Akpabio International Stadium ngomhlaka-20 kuNhlaba.