
Menzi Magubane
I-Orlando Pirates ingene kowamanqamu we-CAF Confederations Cup nakuba ihlulwe ngegoli elilodwa eqandeni i-Al-Ahli ngeSonto ebusuku.
I-Pirates izobe ingena kowamanqamu walo mqhudelwano okwesibili emlandweni wawo.
Ukunqoba ngamagoli amabili eqandeni ikhona okubasizile njengoba i-Pirates mhlawumbe ibe nenhlanhla yokungahlulwa ngamagoli amaningi.
Abase-Libya bebedlala ngokuzimisela kune-Pirate kulo mdlalo kanti bebengashaya amagoli angaphezulu kwamabili ukube ubengavimbi uSiyabonga Mpontshane.
I-Pirates yake yangena kowamanqamu okokuqala kusukela ngonyaka ka-2015 lapho yahlulwa khona i-Etoile du Sahel yase-Tunisia emqhudelwaneni ofanayo.
NgeSonto eledlule amaBhakabhaka ahlule i-Tripoli ngamagoli amabili eqandeni e-Libya emlenzeni wokuqala walo mqhudelwano. Emlenzeni wesibili ubudinga ukuthi i-Pirate okungenani idlale ngokulingana noma uma ihluliwe ihlale ngaphansi kwamagoli amabili.
UMandla Ncikazi ungumqeqeshi wesibili ukuhola iBhakabhaka njengoba lifinyelele kowamanqamu walo mqhudelwano. Owokuqala kube nguRoger De Sa ngo-2015 kanti uNcikazi ubezobukeka engcono kunomqeqeshi owake waqeqesha i-Bidvest Wits.
UNcikazi uyazi ukuthi ukuhlala kwakhe e-Soweto akuphephile futhi ukunqoba le nkomishi e-Nigeria ngoLwesihlanu kuzomshiya emabhukwini omlando we-Pirate.
I-Pirates ayikho efomini enhle kwi-DStv Premiership futhi kungenzeka iphuthelwe imiqhudelwano ye-CAF ngesizini ezayo uma ihlulwe kowamanqamu.
Njengamanje basendaweni yesihlanu kodwa uma benqoba i-Confederations Cup bazovele bazibekisele indawo kule midlalo yesizini ezayo.
Kuzocaca ngekusasa likaNcikazi uma i-Pirates izosindisa isizini ngokuwina e-Nigeria ibhekene ne-TP Mazembe.
Umthombo wesithombe: @GoalSouthAfrica