I-Parkour ayifani neminye imidlalo

Dylan Bettencourt

I-Parkour akuwona umqhudelwano wezemidlalo ojwayelekile yize mhlawumbe ungabonakala njengomdlalo wesinti kodwa baningi abakholelwa kakhulu kuwo.

I-Ukraine ikuthatha lokhu njengento ehloniphekile ukuwina indondo yegolide emqhudelwaneni we-parkour emidlalweni yomhlaba njengoba uBohdan Kolmakov efike kuqala emqhudelwaneni wejubane.

Le miqhudelwano imele yonke imidlalo engekho kuma-olimpiki efana ne-parkour, i-teen-pin bowling kanye ne-drone racing.

Ngokulandela iphethini yama-olimpiki, imidlalo yomhlaba yenzeka njalo eminyakeni emine  ngokuvamile onyakeni ongemuva kwemidlalo yasehlobo.

Ibalelwa ku-25 kuya ku-30 imidlalo edlalwayo kulo mqhudelwano njengoba kubalwa abasubathi abangu-3,500 abavela emazweni ahlukene ayikhulu. 

Omunye wakuleli usanda kuwina indondo yethusi eyodwa kuphela kuyo yonke imidlalo yoMhlaba abebambe iqhaza kuyo.

NgoMsombuluko kuqhudelane abadlali bakuleli uChris Teague, uBridgitte Hartley no-Andy Birkett.

UTeague oqhudelana kumqhudelwano we-parachuting canopy uphume endaweni ka-16 ngenani eliphelele elingu-160.

Emqhudelwaneni we-canoe marathon uHartley noBirkett baphumelele kowamanqamu.

Elakuleli liphinde labamba iqhaza kumqhudelwano we-ten pin bowling ngesikhahi kufakwe u-Ursula Ekermans noGitabalie Soorajlal abangakwazanga ukuphuma nendondo.

UMzansi awuwodwa futhi alikho elinye izwe lase-Afrika eselike lathola indondo yegolide kule midlalo.

Kumqhudelwano walo nyaka obuse-Alabama i-Germany ihamba phambili ngezindondo zegolide ezingu-15, ilandelwa i-Colombia, i-Ukraine, i-Japan ne-Hungary wonke lamazwe anezindondo zegolide eziyisishiyagalombili.

Nakuba kungase kungabi umqhudelwano odume kakhulu kwezemidlalo, kodwa unikeza inkundla kulabo abanethalente lokukhombisa ikhono labo kwezemidlalo abanye abantu ababengazi ukuthi ukhona.

Umthombo wesithombe: @SportsUnfold

Izihloko zakamuva