I-PAC ayikhathazwa yisimo seqembu elincane kwi-GNU 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

I-Pan Africanist Congress of Azania (PAC) ihlela ukugcina izinhloso zeqembu futhi ilandele uhlelo lwayo kuHulumeni woBumbano lukaZwelonke (GNU), nakuba ino 

-1% kuphela.

NgeSonto ebusuku, uMengameli Cyril Ramaphosa uqoke umholi we-PAC uMzwanele Nyhontso njengoNgqongqoshe wezokuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya.

Ukuqokwa lokhu kuza ngemva kokuba iqembu le-ANC limeme amanye amaqembu ezombusazwe ukuthi ahlangane nawo ekwakheni i-GNU, njengoba lihlulekile ukuthola amavoti anele okubusa izwe bezimele.

Amaqembu aku-GNU ahlanganisa i-ANC, i-DA, i-IFP, i-PA, i-PAC, I-GOOD Party, i-FF+, i-RiseMzansi, i-UDM, ne-Al-Jama’ah.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uNobhala Jikelele we-PAC u-Apa Pooe uthe i-PAC ngeke isithwe amaqembu amakhulu futhi izoqhubekisela phambili izethembiso ezenziwa kubavoti.

“Ukuqokwa kukaNyhontsho kuwukufezwa kwezinjongo esizibekele zona okhethweni lwangomhlaka-29 kuNhlaba ngaphansi kwesiqubulo esithi, ‘Umhlaba Wethu, Ifa Lethu’. Sizoqhubeka nokulwela ukushintsha imigomo ezovumela ukuba khona komhlaba wokuhlalisa abantu, amabhizinisi, ezolimo kanye nezimayini. 

“Akukwazi ukuthi sibeneningi labantu baseNingizimu Afrika abahlala emijondolo, emijondolo lapho ngisho nezidingongqangi zingafinyeleli kubo, ngo-2024,” usho kanje.

UPooe uthe ngenkathi ilandela igunya layo, i-PAC izosebenza ngaphakathi kwe-GNU ukusiza ukufeza izinhloso zayo.

“Sisazozifaka ezindabeni zemfundo, amanzi, nokuthuthwa kwendle ukuze senze isiqiniseko sokuthi kuba ngcono nokuthi abantu bakithi bathole izinsiza kangcono.

Njengamanje leli qembu linesihlalo esisodwa ePhalamende, njengoba liwine amavoti angu-0.23% okhethweni lwakamuva, nokuyinto ekhomba ukunyuka sisuka ku-0.19% okhethweni lwango-2019.

Isithombe esingenhla: Unobhala Jikelele we-PAC u-Apa Pooe.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva