Menzi Magubane
I-Orlando Pirates ingase ibe ngompetha be-CAF Confederation Cup uma i-RSB Berkane itholakala inecala lokugwazisa.
Imibiko iveza ukuthi iTP Mazembe isixoshe umqeqeshi wayo wokuqina u-Alexandra Coppolani ngemuva kokuthi amukele intshontsho lika-R688,080 kwi-Berkane.
Ngokusho kwaleli qembu lase-Congo, i-Berkane ifumbathise uCoppolani ukuze athole isivumelwano nonozinti wabo uBaggio Saidi ukuze abasize bangene kowamanqamu we-Confederation Cup ka-2021/22.
Imithetho ye-CAF Confederation Cup ikhomba ukuthi iqembu elitholakala linecala lokukhwabanisa, iphutha lokuphatha kanye nokulungisa imidlalo lizophoqeleka ukuthi libuyise indebe.
“Iqembu lizocelwa ukuthi libuyise indebe ezonikezwa abaphume isibili. Iqembu elinecala lizomiswa iminyaka emithathu kuyo yonke imiqhudelwano ye-CAF,” kusho incwadi yemithetho ye-CAF.
Abase-Morocco bashaye iPirates ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenalthi ukuze bawine isicoco we-Confederation Cup e-Nigeria ngomhlaka-20 kuNhlaba.
Njengoba amaBhakabhaka ephume isibili kungenzeka anikezwe indebe kanye nemali yomklomelo uma i-Berkane itholwa inecala yikomiti le-CAF eliqondisa izigwegwe.
Ngaphambi kokuthi i-Berkane ahlangane nePirates ihlule iMazembe ngo 4-2 sekuhlanganiswe imiphumela yomibili kowandulela owamanqamu. Ngokusho kwabase-Congo ukugwazelwa kwenzeke ngaphambi kwemidlalo.
IPirates yagcina ukuwina isicoco se-CAF ngo-2005 ngesikhathi ithatha isicoco se-Champions League futhi yaba iqembu lokuqala lakuleli ukuwina lesi sicoco ngaphambi kokuthi iMamelodi Sundowns ilandele ngo-2016.
Ukuhlulwa kowamanqamu we-Confederation Cup beshaywa i-Berkane bekungekona okokuqala behlulwa kulesi sicoco. Bahlulwa okokuqala ngo-2015 ngesikhathi behlulwe i-ES Sahel yase-Tunisia.
Umthombo wesithombe: @CorrectScore