I-Operation Ziveze yembule i-Prasa izinqe

Celani Sikhakhane

Ibhodi elisha le-Passenger Rail Agency of South Africa (Prasa) selidalule ukuthi babalelwa kwabangu-3 000 abasebenzi abayizipoki abahola imiholo egcwele enkampanini yezitimela kusukela ngo-2020.

Ibhodi liveze lesi sibalo njengengxenye yengxoxo ye-Operation Ziveze, ngoLwesibili ngesikhathi kunesithangami nabezindaba.

USihlalo uMnuz Leonard Ramatlakane uthe ngesikhathi bebuza okokuqala ngabasebenzi batshelwa ukuthi izitimela zinabasebenzi ababalelwa kwabangu-17 000.

“Ngesikhathi siphenya, bangu-14 000 kuphela abasebenzi abafike beneziqu ezidingekayo base beqinisekisa ukuthi baqashiwe,” kusho uRamatlakane etshela abezindaba.

Inkokhelo eyinani elingu-R10,000 ngenyanga kubasebenzi abayizipoki abangu-3,000 izinyanga ezingu-24 ibalelwa ku-R720 million.

Ngesikhathi ibhodi elisha liqokwa ngoMfumfu 2020, bethula i-Operation Ziveze, okwakuhloswe ngayo ukuveza izinto ezingahambi kahle enkampanini.

Iqale yathola ukuthi balinganiselwa kwabangu-50 abokufika  abanomazisi bomgunyathi abaqashwe i-Prasa, kodwa lokhu kungenzeka kube ngaphansi kakhulu kunesibalo sangempela.

Ilungu lebhodi uMnu Smanga Sethene uthe kuze kube yimanje abakwazi ukuphendula ngalaba basebenzi abangu-3 000 abayizipoki.

“Abafikanga neziqu zabo ukuze basivumele ukuthi siqhubeke nokubaholela amaholo abo. Abanye babo basebenzisa omazisi bomgunyathi baseNingizimu Afrika ukuze bathole imisebenzi. Ngeke sikwazi ukuqinisekisa ubuzwe babo,” kusho uSethene.

Ibhodi lizoqhubeka nokubheka ukuthi ngobani abasebenzi abangaziwa.

“Sifuna ukwenza uphenyo ngokuthi ubani obelokhu ethola le mali sonke lesi sikhathi,” kusho uSethene.

Bobabili uRamatlakane noSethene bathe benze nesampula eMnyangweni wezaseKhaya, okuqinisekisile ukuthi okungenani bangu-50 abasebenzi abangabokufika abasebenzisa omazisi bomgunyathi baseNingizimu Afrika.

I-Prasa isineminyaka ibhekene nezinkinga njengoba abanye abaphathi bayo abaphezulu besolwa ngokuqamba amanga ngeziqu zabo. NgoMsombuluko lowo owayeyinhloko yezobunjiniyela kwa-Prasa uDaniel Mthimkhulu ulahlwe yicala lokukhwabanisa.

Scrolla World Cup Quiz