I-Open-Mic Productions ikhipha enye ingoma eshisa izikhotha

Sizwe Sibiya

Inkampani eqopha umculo i-Open-Mic Productions isibuyile futhi nenye ingoma eshisa izikhotha ngemuva kokuthokozelwa kwengoma kaMakhadzi ayicula noPrince Benza “i-Ghanama” kanye neculwa uBello noGallo ethi “Khula”.

Kulokhu  inkampani ibuye ngomculi wayo osakhula, uRomo ngengoma yakhe ethi-“Be Alright”.

Njengoba uRomo esazama ukuzithola kwi-Afrobeats, i-R&B kanye nomculo womdanso wamanje, ufake abaculi abajwayelekile engomeni yakhe. Umdidiyeli womculo ophinde abe umculi uMr Brown, uyacula kanti umrepha osewine izindondo eziningi uKwesta, ucula kwivesi lengoma eliyinhloko lemizuzu engu-4.25 enethonya lama-piano.

Ingoma ethi-“Be Alright” iqinisekisa abalandeli ukuthi “yonke into izolunga”, njengoba kwenza uBob Marley enza engomeni yakhe i-“Three Little Birds”. Noma impilo ingahle ibonakale inzima, “sizophila futhi sizoyibona impumelelo”.

“I will never die, until I see my blessings,” kucula uRomo kuleli culo eliphume ngoMsombuluko kuzo zonke izinkundla zomculo.

Umthombo womsindo: YouTube

L78078

Izihloko zakamuva