I-NPA ithi inobufakazi obanele bokuboha abasolwa ababulala umculi uThoriso

Moyahabo Mabeba

Eminyakeni emibili edlule, amabhungu ayisithupha nabesilisa ababili abadala babulala umculi obenekusasa eliqhakazile uThoriso Themane, bakuqopha konke lokhu kwividiyo enyantisa igazi.

Isigameko esasabalala ezinkundleni zokuxhumana senzeka mhla zingama-23 kuNhlolanja wezi-2019 e-Flora Park, e-Polokwane.

Abasolwa, uChuene Maleka, u-Alfred Mothapo kanye namabhungu ayisithupha bavele ngaphambi kwephini likaMengameli wamajaji uMatsaro Semenya enkantolo enkulu yase-Polokwane ngokuhlasela uThoriso owashonela esibhedlela.

Ukuqulwa kwamacala enkantolo bekuqoshwa ngekhamera njengoba bekubandakanya izingane ezineminyaka cishe eyi-13 kuyela kweyi-16.

Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala, la mabhungu aphenduka ofakazi bombuso.

Izimpikiswano ebeziphambi kwejaji bezigxile ezingeni lokubandakanyeka kwabasolwa. Ummeli walaba abasebancane ababili ubefake isicelo sokuthi bashaye lo owashona ngempama base bemxosha emotweni yabo ngaphambi kokuba basuke endaweni yesigameko kanti abanye baqhubeka nokushaya uThoriso.

Abasolwa abasebasha bawavume wonke amacala abo kanti laba abadala ababehambisana nabo, uChuene noMothapo, bawaphikile amacala okubulala bathi abakaze bamshaye uThoriso noma nje babesendaweni yesigameko. Ekuqhubekeni kwecala, laba batshele inkantolo ukuthi bahluleka ukulawula ingxabano njengoba babebaningi kakhulu ababemshaya. Baveze ukuthi uThoriso washaywa izingane ezincane ezazimsola ngokuntshontsha ikepisi.

Laba besilisa abadala bangaphandle ngebheyili eyeluliwe kanti izingane zadedelwa ngaphansi kokunakekelwa kwabazali bazo.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority e-Limpopo uMashudu Malabi Dzangi uthe bekuwubufakazi bombuso kanye namacala ezingane ukuthi laba ababili abadala baphinde bashaya uThoriso kwathi oyedwa wabo washaya uThoriso ngojeke wemoto.

UMalabi Dzangi uthe: ummeli uMashudu Mudau uthe kunobufakazi obumatanisa izingane ezephula umthetho necala lokubulala njengoba zaziphuma esigabeni sokuqala, baze bamema elinye ithimba ukuthi lihlanganyele nabo ekushayeni uThoriso. Uqhube wathi ingane yesithathu yaze yabiza elinye iqembu ukuthi lizobona ukuthi ‘izikhulu ezinhlanu’ zibulala kanjani.”

UMalabi Dzangi uthe i-NPA inecala eliqinile futhi kunobufakazi obanele obungalahla abasolwa.

Ukugwetshwa kulindeleke ukuthi kwenzeke mhla zingama-24 kuNhlolanja.

Izihloko zakamuva