Lubhalwe nguKamogelo Olaitan
UMnyango Wezokuphepha koMphakathi e-North West usuchazile ngokusebenzisa u-R780 000 ukuthenga izinqola zembongolo ezingamashumi amabili ezinikezelwe kubahlali ezindaweni ezahlukene ezifundeni zase-Dibono nase-Manwana, e-Mahikeng.
UMnyango uthe lezi zinqola zinikwe abahlali bendawo, ikakhulukazi abantu besifazane. Lezi zinqola zizothutha abantu abagulayo, abafundi, ziphinde zithuthe abantu abayohola impesheni.
Lezi zinqola zethulwe nguNgqongqoshe uSello Lehari ngoLwesine emcimbini.
NgeSonto, inani lemali esetshenziswe ukuthenga izinqola ilona elidonse amehlo abantu ezinkundleni zokuxhumana, abaningi begxeka uHulumeni ngemali ayisebenzisile ukuthola izinqola.
Esitatimendeni uHulumeni wase-North West ngeSonto uthe ukunikezelwa kwezinqola kuyahambisana ne-National Land Transport Act (NLTA), umsebenzi wayo okuwukwehlisa izingqinamba ezibhekene nemiphakathi yezindawo zasemakhaya.
“Izinqola ezingu-20 zitholakale ngenani lika-R780 000, kubalwa nenani lokuqinisekisa ukuthi zihlale zisesimweni esilungile. Inqola enela abantu ababili ingu-R32 500 iyodwa, ehlala abantu abane ingu-R45 500,” kufundeka isitatimende.
Ngokwesitatimende, lezi zinqola zakhikwe e-Lonely Park, e-Mafikeng futhi kube nokuthuthukiswa kwamakhono kulabo abathole izinqola. Inkontileka ithi, umakhi walezi zinqola uzoqinisekisa ukuthi zisesimweni esifanele futhi lokhu uzokwenza mahhala iminyaka emithathu.
UHulumeni uphinde wancenga abantu abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuthi baqinisekise ulwazi abaluzwayo ngaphambi kokuthi bafafaze ulwazi olungesilo iqiniso, nolukhohlisayo oludicilela isithunzi soMnyango, noNgqongqoshe kanye nabaphathi.
“Lokhu okubhalwe ngenhla ulwazi olukhona futhi kuvumeleke noma ngubani ofuna ukukuqinisekisa ukuba enze njalo, noMnyango ugqugquzela abantu ukuthi baxhumane nabo nanoma ingaluphi udaba ngaphambi kokuba badlulise ulwazi olungekho,” kuqhuba isitatimende.
Osesithombeni esingenhla: UNgqongqoshe uSello Lehari enikezela inqola yembongolo ebiza u-R32 500
Umthombo wesithombe: @DrXiga1.