I-North Korea ihlangane nemamba iphuza umhluzi

Ngonyaka odlule owesilisa owenza umkhonyovu esebenzisa ubuchwepheshe besimanje owaziwa ngelikaP4x ugetshengwe izinhloli zase-North Korea ebezihlose ukugebenga abacwaningi bezokuphepha baseMelika.

Ngesikhathi ecasulwa ukuthi uhulumeni wakhe akamphenduli, lo wesilisa uthathe isinqumo sokuzixazululela le nkinga ngokuvala konke ukuxhumana kwase-North Korea namanye amazwe.

Indaba yalo mlisa ibihluba uhlubhu ekhasini kwiphephabhuku i-Wired.

UP4x utshele i-Wired ukuthi ube yisisulu somkhankaso wokugebenga obekuhloswe ngawo ukweba amathuluzi oku-hacker nokufunda ngobungozi be-software yabacwaningi baseNtshonalanga.

Yize bengazange bantshontshe lutho kuye kodwa ucasulwe ukuthi laba abangama-hacker abaxhaswe uhulumeni bebefuna yena mathupha – nokungaphenduli uthi ingqalasizinda yakho iyehla okwesikhashana”.

Samsung Galaxy 14G

Imibiko iveze ukuthi ngamaphuzu amaningana ngesikhathi soku-hacker cishe yonke iwebhusayithi yase-North Korea iye yaya phansi.

Scrolla World Cup Quiz