Sizwe Sibiya
Okokuqala yaba nomncintiswano wokudansa ezinkundleni zokuxhumana, yase iba ingoma eshisa izikhotha.
Manje ingoma ethi-“Nkao Tempela” isingenile eshadini, kodwa kulokhu inevidiyo yomculo ehambisana nayo.
Njengoba yakhishwa ngoLwezi nyakenye, ingoma ethi-“Nkao Tempela”, okungeyokuqala kaCh’cco, isibuyele kwinombolo yesithupha eshadini lomculo elihamba phambili ku-YouTube njengoba ividiyo yayo yomculo ikhishwe ekuqaleni kwale nyanga.
“Njengoba isakazwa izinkundla ezingaphezu kuka-20 million, ukubukwa ngabantu abangaphezu kuka-150 million ku-TikTok nokuthi manje isigunyazwe ngamapulathinamu amane, uCh’cco ukhiphe ividiyo yomculo yengoma yakhe yokuqala ethi-‘Nkao Tempela’,” kubhala ilebula kaCh’cco eqopha izingoma i-R1+0 Cartel ngesikhathi yabelana ngevidiyo entsha yomculo mhla zimbili kuNhlangulana.
Khonamanjalo ingoma yakamuva afakwe kuyo uPabi Cooper esihloko esithi-“Banyana Ke Bafana”, ayicula noFocalistic, LuuDadeejay kanye noNobantu Vilakazi, isibukwe ngabantu abangaphezu kwesigidi, ngesikhathi ingoma ethi-“Nkao Tempela” isibukwe ngabantu abangaphezu kuka-350 000 ku-YouTube kusukela yakhishwa.
Le ngoma ngekaCh’cco kuphela ekhishwe kwezohwebo ehlanganisa abadidiyeli abafana noMellow & Sleazy. Laba baculi ababili basePitoli bakhiqiza imisindo ehlukile yama-piano eyaziwa ngokuthi “sgija”, egcizelela izinsimbi zomculo – ngesinye isikhathi ngaphandle kwamazwi. Ekugcineni, basebenzise impumelelo yengoma ukuze bathuthukise imisebenzi yabo njengeqembu lababili ngokukhipha i-EP enezingoma eziyisishiyagalolunye ebizwa ngokuthi i-Midnight in Sunnyside ngomhlaka-20 kuMbasa.
I-Albhamu ethi-Midnight in Sunnyside, ekhiqizwe e-Sunnyside, inezingoma ezishisa izikhotha ezifana nethi-“Chipi Ke Chipi” ukucula kuyo uJustin99 kanye nengoma ethi-“Ba Bize” okukhona kuyo uMurumba Pitch, uDaliwonga, uVisca, kanye noDjy Biza.
Umthombo wevidiyo: YouTube