Kamogelo Olaitan
IPhalamende lase-Nigeria lenze isiphakamiso sokuthi lo mthetho ozokwenza kube icala ukugqoka izingubo ezingahambisana nobulili bakho ezweni laseNtshonalanga ne-Afrika.
Uma lo mthetho uphasiswa umuntu ozotholakala ewuphula uzobhadla ejele izinyanga eziyisithupha noma bahlawuliswe imali efinyelela ku-R20 000.
Lo mthetho uthathelwe kumthetho wesenzo sokuvimbela umshado wobulili obufanayo futhi uzosebenza ngonyaka ka-2023 ukuze wenqabele ukugqoka okungasiyona indlela ebekiwe nezinye izinto”. Uphinde uhlose ukuvimbela umthetho womshado wobulili obufanayo (i-SSMPA) futhi uzovimbela nokuthi abantu bangaqgoki okuthandwa yibo kodwa bagqoke ngokuhambisana no mthetho.”
Kuphakanyiswe ilunga lePhalamende likazwelonke uMuda Lawal Ulnar ongachazanga isizathu sakhe. Le mithetho yethulwe ekuqaleni kwalo nyaka kanti kulindeleke ukuthi ichitshiyelwe emasontweni ezayo.
Kusazobonakala ukuthi lo mthetho uzophasiswa yini, kodwa noma kunjalo ukhombisa ukuhlehliswa kwamalungelo e-LGBTQ+ ezweni.
Ngo-2014 owayenguMengameli wangaleso sikhathi uGoodluck Jonathan wasayina i-SSMPA yaba umthetho obeka icala abesilisa abathandana nobulili obufanayo, abashintsha ubulili, namanye amalungu omphakathi we-LGBTQ+.
“Sivikela isintu kanye nezidingo zomndeni.
Eqinisweni sivikela isizwe ngokuphelele,” kusho omunye wabasekeli balo mthetho uSenator Ahmed Lawan ngaleso sikhathi.
Owesifazane oshintshe ubulili uFola Francis oneminyaka engu-28 utshele i-BBC ukuthi lo mthetho ohlongozwayo uyamethusa.
“I-cross-dressing bill ingumthetho oyingozi kakhulu ozothinta abantu abaningi abathandana nobulili obubodwa.”
Uqhube wathi yize lo mthethosivivinywa ungakaphasiswa, kodwa usatshiswe omakhelwane bakhe ngemuva kokuthola ukuthi ungumuntu wesifazane.
“Bathole ngevidiyo eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana. Kudingeke ngihambe efulethini lami ezinyangeni ezimbalwa ezedlule njengoba bengisabela impilo yami.”
UBobrisky owesifazane oshintshe ubulili futhi ongomunye wabagqugquzeli bezinkundla zokuxhumana abadume kakhulu ezweni uthathe lo mthetho njengento engenangqondo ecindezela umphakathi.
“Lo mthethosivivinywa uzosiza ekuxazululeni izinkinga zokuphepha zezwe kanye nokushoda kukagesi futhi uthuthukise isithunzi se-Nigeria phesheya futhi wehlise kwamandla emali,” ebhale ku-Twitter.