I-Nigeria ithuthukise ubuchwepheshe bokuhlolela i-Covid-19

Ososayensi base-Nigeria bathuthukise ubuchwepheshe bokuhlolela i-Covid-19 baveza imiphumela ngemizuzu engama-40.

Ukuhlolwa okusha akusheshi nje kuphela kodwa kushibhile kunokunye kokuhlolela leligciwane – futhi kungatholakala naseNingizimu Afrika.

Ukuba izwe elinabantu abangaphezu kwezigidi ezingama-180, lokhu kuzokwenza i-Nigeria ikwazi ukuhlola abantu abaningi ngalobu buchwroheshe obusha.

Bangaphansi kwephesenti elilodwa abantu base-Nigeria asebehloliwe kuze kube manje – futhi cishe akekho noyedwa ngaphandle kwamadolobha ohlolwayo.

“Sibone kunesidingo sezinsiza zokuhlola ezengeziwe, ikakhulu ezinganikeza imiphumela ngesikhathi esifushane ngoba izibhedlela bezinqaba ukwelapha iziguli ngaphandle kwemiphumela ye-Covid-19,” kusho uBabatunde Salako, isikhulu sezempilo e-Nigeria.

I-Senegal iphinde yakhiqiza obayo ubuchwepheshe bokuhlolela i-Covid-19 esingaveza imiphumela kungakapheli imizuzu eyi-10.

Isithombe: Twitter @AjuriNgelale

Izihloko zakamuva