
Dylan Bettencourt
Abantu base-Nigeria basola uMengameli wabo, uMuhammadu Buhari, ngokulethela amaSuper Eagles amabhadi ngaphambi kokuthi ahlulwe i-Tunisia emzuliswaneni wemidlalo yamaqembu angu-16.
I-Nigeria iqede isigaba sayo samaqoqo ngendlela encomekayo, yanqoba imidlalo yayo emithathu futhi yavela njengezintandokazi ezingaphakamisa indebe. Kodwa konke lokho kufinyelele esiphethweni ngeSonto ebusuku ngemuva kokwehlulwa ngo 1-0 beshawa i-Tunisia okwenza i-Nigeria ithathe imthwalo iphindele ekhaya.
Emahoreni ambalwa ngaphambi komdlalo, uBuhari ubambe ingqungquthela ngevidiyo neqembu lebhola lezinyawo ukuze abakhuthaze ukuthi baqhubeke nokwenza izwe labo liziqhenye.
“Balokhu benza i-Nigeria iziqhenye ngabo. Bawine yonke imidlalo yabo. Sicela baqhubeke nokuwina. Uhulumeni we-Federal uyabeseka, ” kusho uMengameli.
Kodwa owayengumsizi kalowo owayenguMengameli uGoodluck Jonathan, uReno Omokri, usole uMengameli ngokuhlulwa kwaleliqembu.
“UBuhari uyisizathu esenza i-Tunisia ihlule i-Nigeria,” kusho u-Omokri.
“U-Iwobi uthole ikhadi elibomvu kanti u-Iheanacho wathola eliphuzu, into engakaze yenzeke,” kusho u-Omokri.
“Kungani ngenkathi ekhuluma noBuhari lolu chungechunge lwezehlakalo zifike kithi?”
Isishoshovu sase-Nigeria u-Omoyele Sowore naye ukhombe uBuhari ngomunwe, ethi udlulisele amandla akhe amabi kubadlali.
“UMuhammadu Buhari udlulisele ibhadi lakhe kuma-Super Eagles ase-Nigeria. Sisebenza kanzima ukwenza isimo sibe ngcono,” esho ku-Facebook.
Umphathi wesikhashana wase-Nigeria, u-Augustine Eguavoen, wehlile esikhundleni ngemuva kokuhlukunyezwa ngabalandeli bezwe.
UJose Peseiro bekumele athathe izintambo kuma-Super Eagles emqhudelwaneni we-Afcon, kodwa u-Eguavoen waphoqeleka ukuthi angene.
“Ngizoba umqeqeshi wesikhashana kanye noMqondisi Wezobuchwepheshe we-Nigeria Football Federation (NFF).
Ngizobuyela esikhundleni sami ngivumele i-NFF ukuthi yenze isinqumo mayelana nendlela eya phambili,” kusho u-Eguavoen ngemuva komdlalo.
Umthombo wesithombe: @PremiumTimesNigeria