Lubhalwe i-Premium Times
Uhulumeni wase-Nigeria useqale izinhlelo zokukhipha izakhamuzi zakhe e-Sudan ngemuva kokuqubuka kwezingxabano ezweni lonke ngesonto eledlule.
Abantu abaningi base-Nigeria bavaleleke kuleli zwe elikhungethwe yimpi. Kulinganiselwa ukuthi u-80% wabo ngabafundi kanti abangu-5,500 bamemezele ukuthi bazobaleka.
Uhulumeni ukuqinisekisile ngoLwesibili ukuthi yonke into okumele ikhokhelwe ukuze kuphothulwe ukufuduka isiqediwe, kodwa ezinye izinto zisazolungiswa.
UDabiri-Erewa, uSihlalo wama-Nigerians in Diaspora Commission (NiDCOM) uthe ngoLwesibili abantu babo bazokhishwa ekuseni nokuyinto ephephe kakhudlwana.
“Basese-Khartoum okwamanje kanti u-@nemanigeria ulungise konke okumele kukhokhelwe, kodwa kusekhona izinto ezisalungiswa ezimbalwa. Bazohamba ekuseni kakhulu ngoba ikhona okuphephile, isimo sempi akusona isimo esijwayelekile. Sonke silinde ngokukhathazeka,” kubhala osebenzisa u-Twitter kwi-akhawunti yakhe esemthethweni.
Lokhu kuza ngemuva kwamahora uNgqongqoshe Wezangaphandle, uGodfrey Onyeama, ethe uhulumeni wobumbano uzoqala ukuthutha abantu base-Nigeria abaswele e-Sudan ezinsukwini ezimbili ezizayo.
“Bengithintana nenxusa lethu e-Egypt, ngoba i-Egypt yizwe elisondelene kakhulu ne-Sudan ukuze lisize nasekuhleleni lokhu,” kusho ungqongqoshe engeza ngokuthi inxusa kulindeleke ukuthi lamukele abase-Nigeria futhi lisize ngokunakekelwa kwabo.
Impi phakathi kwamasosha athembeke kumphathi wamasosha e-Sudan, u-Abdel Fattah al-Burhan kanye nesekela lakhe, uMohamed Hamdan Daglo ophethe i-paramilitary Rapid Support Forces ihlukanise izwe.
Sekubulawe abantu abaningi selokhu kuqubuke impi ngoMgqibelo ngesonto eledlule enkabeni yedolobha lase-Sudan phakathi kwamasosha ayizimbangi.