Celani Sikhakhane
I-National Freedom Party (NFP) ikhombe indlela iPhini likamengameli wayo uMnu Jeremiah Mavundla emva kwezinsolo zokukhwabanisa.
Inhloko yeKomidi le-NFP lokuqondiswa kwezigwegwe uMnu Shaik Imaam Mansoor utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uMavundla waya kwi-Independent Electoral Commission ukuze aguqule uhlu lweqembu le-NFP enganikwanga igunya lokwenza lokho.
UMansoor uthe wakwazi ukukwenza lokhu ngesikhathi i-IEC ivumela amaqembu ukuthi achibiyele uhlu lwamagama abantu abazongenela ukhetho ngemuva kokuthi i-ANC ihlulekile ukufaka uhlu lwayo ngesikhathi.
“Leso sikhathi besenzelwe ukuthi i-ANC ikwazi ukuthumela uhlu lwayo ngemuva kokuthi ihlulekile ukuhambisa abantu abazoyimela ngesikhathi. UMavundla wabe esesebenzisa leso sikhathi waphuthuma kwa-IEC engenalo igunya lokushintsha uhlu,” kuchaza uMansoor.
Uthe ukukokotelwa kwalolu hlu kuphoqe i-IEC ukuthi ihoxise imali yeqembu engu-R2 million okwakufanele inikezwe i-NFP ukuze iyisebenzisele ukhetho.
UMavundla usolwa nangokukokotela indlela yokusayina yowayengumengameli we-NFP uKaMagwaza-Msibi ukuze athole izimali zeqembu ebhange.
“Ngenxa yalokho siye okhethweni singenayo imali. Amanxusa eqembu lethu ebengenakho ukudla nezinto zokuhamba ngenxa yale nkohlakalo,” kusho uMansoor.
Uthe uMavundla naye ubhekene nezinsolo zokuqola imali yobulungu be-NFP ngemuva kwezinsolo zokuthi uvule i-akhawunti efanayo ukuze amalungu akhokhele imali yobulungu kuyo.
UMavundla ugcine egcotshwa njengekhansela le-NFP e-Zululand ngoLwezi kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya.
UMavundla, obeyiMeya kuMasipala wakwaNongoma, uthuse abaningi ngonyaka odlule emngcwabeni kaMagwaza-Msibi owawungoMfumfu ngesikhathi ememezela ukuthi umengameli we-NFP ongasekho uhlaselwe yisifo sohlangothi ngemuva kokukhashelwa i-ANC ngo-2014.
Omunye oxoshwe kanye noMavundla ikhansela elisanda kukhethwa le-NFP e-Zululand, uMnu Sbu Nkosi, owahlubuka kwi-DA.
Ubulungu bakhe be-NFP bunqanyulwe ngoZibandlela.
UMavundla akatholakalanga ukuba aphawule njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
I-Scrolla.Afrika iyaqonda ukuthi udaba uludlulisele kubammeli bakhe.
USbu Nkosi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akazi kungani ubulungu babo bunqanyuliwe.
Awekho amacala noma imigudu elandeliwe ngaphandle kokuthi sithole izincwadi zethu ezivela kwizikhulu zikaMasipala wesiFunda i-Zululand. Sizolufaka enkantolo lolu daba,” kusho uNkosi.