I-NFP ithi iqoke ukubaleka kuHulumeni woBumbano eKZN ngenxa yenkohlakalo ye-ANC ne-IFP behlangene ne-DA

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

INational Freedom Party ithi ibaleke kuHulumeni woBumbano ngoba icasulwa ubuqola bukaKhongolose,ne-IFP behlangene ne-DA.

Leli qembu likusho lokhu ngoLwesihlanu esithangamini nabezindaba eThekwini lapho ebelicacisa khona ngesizathu esenze lahoxa kuHulumeni woBumbano eKZN.

UDkt Bheki Xaba oyibamba likaNobhala-Jikelele we-NFP utshele abezindaba ukuthi besekunzima ukuhlala kulo Hulumeni woBumbano ngoba inkohlakalo egcine seyenzeka, ibakhombisile ukuthi lamaqembu abebesebenza nawo awazimisele ngokuphucula impilo yabantu kodwa inhloso yawo ukuguqisa isiFundazwe ngamadolo.

“Okubuye kwasishaqisa kakhulu ukuthi iDA ebiyaziwa ngokudalula inkohlakalo eyebiwa uKhongolose ,isivele yaguquka yadla okhezweni olulodwa nezikhohlakali ze-ANC futhi angeke usabathinta,,” kusho uXaba.

Uthe bebengeke besakwazi ukuqhubeka noHulumeni wezigebengu ngoba lokho bekuyosho ukuthi badayisa ngesithunzi somsunguli weqembu uNkk Zanele VZ kaMagwaza-Msibi .

Leli qembu kuthe kuleli sonto lathatha isinqumo sokuhoxa kuHulumeni woBumbano, laphinde layalela uNgqongqoshe walo wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga ukuthi esule kukhabhinethi.

Leli qembu kuthe ngonyaka owedlule lathatha isinqumo sokuvota ne-MKP ukuze kuketulwe uNdunankulu uNtuli kodwa ivoti aliphumelelanga njengoba uNksz Shinga weNFP, wavota ne-IFP,I-DA ne-IFP.

I-DA eKZN icasuke yafa ngale nkulumo yabuza uMengameli we-NFP uMnuz Irvan Barnes ukuthi ubethuleleni sonke lesi sikhathi kuze kuphele unyaka nohhafu .

Ithe kwakumele uBarnes akhulume kungakaqalwa nokuqalwa ukusungulwa kukaHulumeni woBumbano eKZN kodwa waqoka ukuthula.

Izihloko zakamuva