Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
INFP ingene ngembobo yenaliti ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho olungomhlaka-29 kuNhlaba kulo nyaka.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi ngoMsombuluko iKhomishana ebhekele ukhetho ithumele incwadi ku-NFP ibazisa ukuthi abekho emaqenjini okumele angenele ukhetho.
Le ncwadi esuka ophikweni lwezomthetho lweKhomishana yezoKhetho ikubeke kwacaca ukuthi lesi sinqumo sithathwe ngokulandela isinqumo senkantolo ephakeme yaseMgungundlovu esasichitha ubuholi obakhethwa engqungqutheleni eyayisoNdini.
Iphinde ikucacise ukuthi ubuholi obakhethwa engqungqutheleni eyayiseThekwini ngoZibandlela yibo obuvunwe inkantolo ngokuthi busemthethweni nokwenze bayamukela i-NFP.
Leli qembu lingene sekuvalwe amehlo njengoba besekusele izinsuku ezingu-14 zokuba kuvalwe ukwamukelwa kwamaqembu ngemuva kokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa elushicilele kuGazethe kaHulumeni usuku lokhetho lomhlaka 29 kuNhlaba.
UMengameli we-NFP uMnuz Ivan Barnes uthe sekusele bafake imali yokungenela ukhetho kanye nohlu lwamagama abantu abazomela iqembu eziShayamthetho zeziFundazwe kanye nasePhalamende eKapa.
” Asikho isiFundazwe esingeke sisingenele kulolu khetho. Sifuna abantu bethu bameleleke kuyona yonke iNingizimu Afrika. Kumanje sibheke ekutheni sikhokhele iqembu ngoba sifuna ingenzeki lento yango-2016 yokuba singalungeneli ukhetho kuHulumeni beNdawo,” kusho uBarnes.
Ngo-2016 leli qembu alikwazanga ukungenela ukhetho ngoba owaye nguMgcinimafa uMnuz Thokozani Ndlovu akazange ayikhokhe imali eyayidingeka ukuthi babhalise.
UNdlovu wavele wanyamalala, wathi impilo yakhe ibingasaphephile ngoba kunabaholi be-NFP ababefuna ukufakwa phezulu ohlwini lo khetho ngoba befuna ukuba iziMeya.
Kuthiwa babefika ehhovisi nezibhamu betshele uNdlovu ukuba abafake ohlwini ngoba uma kungenjalo babethi bazomdubula.
Wavele waduka wangaziwa ukuthi ushonephi.