I-NFP ikhuza ungqongqoshe ngezindlu zikaHulumeni wakwaZulu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Bahlalele ovalweni abantu abathatha izindlu zikanokusho zongqongqoshe bakaHulumeni waKwaZulu ongasekho njengoba kungenzeka bakhishwe ngoba besolwa ngokuthi bahleli ngokungemthetho.

Lezi zindlu kwakungezongqongqoshe, eyeSilo uZwelithini kaBhekuzulu, ezezinhloko zeminyango nabaqondisi kwaze kwaba kungena intando yeningi nekomkhulu lesifundazwe iKwaZulu-Natal lasuka kule ndawo, laya eMgungundlovu.

Lokhu kulandela ukuthi uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Martin Meyer ememezele ukuthi sebehlonze izindlu ezingu-300 oNdini zikaHulumeni okwangena kuzo abantu ngokungemthetho.

Ngo-2013 kwavela ukuthi lezi zindlu kwangena abahlengikazi, odokotela, izimantshi, amaphoyisa nothisha bazenza ezabo ngoba zasezisale dengwane ngo-1996 ngesikhathi kungena uHulumeni wentandoyabantu owawuholwa uDkt Frank Mdlalose.

Ngawo u-2013 kwavela nokuthi laba abahlala khona bakweleta izizumbulu ezifinyelela ku-R100 million wamanzi nokuqoqelwa udoti umasipala.

USotswebhu we-NFP kumasipala waseZululand uMnuz Siphamandla Ntombela uthe bayacela ukuba uNgqongqoshe uMeyer abenoshwele kule mindeni esiphendule lezi zindlu ikhaya lazo.

“Ungqongqoshe akanciphise ijubane ahamba ngalo odabeni lwezindlu ezakhiwa uHulumeni waKwaZulu, uzakhela izisebenzi zawo nabaphathiswa nabaqondisi okwathi ngenxa yensila yokuzonda Ulundi okwakwenziwa yi-ANC bahlangana ne-DA basusa iPhalamende Ondini, bathutha abasebenzi zasala izindlu eziningi ziyimhume yabaphangi.

Kodwa ngothando nobuntu bezakhamizi zaseZululand, bangena kulezi zindlu. Yilokhu okwenze ukuthi kuze kube manje lezi zindlu zihlale zisesimweni esikahle ngoba uHulumeni wawungenazinhlelo ngazo,” kusho uNtombela.

Kwenzeka lokhu nje umsindo ngalezi zindlu usunesikhathi ukhona njengoba owayenguNdunankulu waseKZN uMnuz Senzo Mchunu waphakamisa ukuba kufakwe kuzo odokotela nabahlengikazi abasebenzela emitholampilo esemakhaya. 

Kwakukhalwa ngokuthi odokotela bagcina beqashelwa izindawo zokuhlala e-Melmoth nase-Vryheid nokwenza baqhele kubantu basemakhaya asoNdini nakoNongoma.

Okhulumela uNgqongqoshe uMeyer, uMnuz Steve Bhengu uthe kumanje ungqongqoshe unezinhlelo zokuba abonane nemindeni ehlala kulezi zindlu kanye nomasipala ukuze kutholakale isisombululo.

“Ungqongqoshe ugcine ehlonza izindlu ezingu-300 zikaHulumeni okuvele ukuthi zisoNdini futhi zihlala abantu abangene kuzo ngokungemthetho. Nokho kuzothi emasontweni ambalwa ungqongqoshe ayobonana nemindeni ehlala kulezi zindlu kanye nomasipala,” kusho uBhengu.

INkosi Mangosuthu Buthelezi ongasekho, owayengumsunguli noMengameli we-Inkatha Freedom Party, nguye owayenguNdunankulu kahulumeni waKwaZulu ngaphambi kokhetho lwentando yeningi ngo-1994.

Izihloko zakamuva