I-NFP ichitha uMengameli wayo emizamweni wokuqumba phansi uHulumeni waseKZN 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNobhala-Jikelele we-NFP usetshele uMengameli waleli qembu ukuthi akakhohlwe ukuthi bazophuma kuHulumeni woBambiswano KwaZulu-Natal ngenxa yokuthi yena akasitholanga isikhundla sokuba iMeya eZululand. 

UMnuz Teddy Thwala ukusho lokhu esitatimendeni asikhiphe ngoMsombuluko ngemuva kokuthi uMengameli weqembu uMnuz Ivan Barnes  esabise ngokuthi iNFP izohoxa kuHulumeni waseKZN uma i-IFP ingasibuyekezi isinqumo samakhansela ayo amhambe ngemuva ngesikhathi kukhethwa iMeya aqoka umholi wawo okunguMnuz Mkhonyovu Khumalo. 

UBarnes ungene eZululand ngomhlaka-20 kuNhlangulana nalapho ehlonzwe njengekhansela le-NFP ngokusemthethweni iKhomishana eziMele ebhekele ukhetho. 

Kwenzeke lokhu ngemuva kwezingxoxo abenazo ne-IFP ukuze i-NFP ivote kuHulumeni woBambiswano ohlanganisa i-DA noKhongolose nokwenze bahlwitha iKZN kuMK ne-EFF.

UThwala uthe uBarnes akakhumbule ukuthi akazalelwanga ukuba iMeya yaseZululand.

“Sizoba nenkinga ngomuntu owahlulwa ukuthola isihlalo ePhalamende lukazwelonke. Manje usezolawula lapha esiFundazweni nokusho ukungabuhloniphi ubuholi obukhona beqembu eKZN. Asikwazi ukudlala ngezimpilo zabantu sibulale uHulumeni ngenxa yomuntu oyedwa ofuna ukuba iMeya. Siyi-NFP asiyindawo kulo Hulumeni wobambiswano ngoba sifuna kusetshenzelwe abantu,” kusho uThwala. 

I-NFP inesihlalo esisodwa eSishayamthetho saKwaZulu-Natal nokuyiso obekubhekwe sona ukuba sikhombe indlela kozophatha emaqenjini abefuna iKZN.

Ngevoti labo i-NFP ibongwe ngesihlalo sokuba uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi esiphethwe uSihlalo weqembu esiFundazweni uNksz Mbali Shinga.

Izihloko zakamuva