I-NFL ithungatha abadlali abanekhono e-Afrika

Dylan Bettencourt

I-American National Football League (NFL) ithungatha isizukulwane esilandelayo sabadlali e-Afrika.

I-NFL imemezele ukuthi izobamba imicimbi yayo yokuqala e-Afrika ngasekupheleni kwale nyanga kanti abadlali bayo abambalwa bazobhekisa amabombo e-Ghana ukuyosingatha i-NFL Africa Camp e-Accra ngomhlaka-21 kuya kumhlaka-22 kuNhlangulana.

Ikhempu izoholwa umpetha we-NFL u-Osi Umenyiora osewine i-Super Bowl amahlandla amabili futhi onabazali base-Nigeria.

Lo mdlali oneminyaka engu-40 ubudala usungule uhlelo lwebhola laseMelika e-Nigeria olubizwa nge-Uprise uphinde ebambe imicimbi kuleli.

“Lolu uhlelo olumangalisayo,” kusho u-Umenyiora.

“Le khempu ayinikezi nje kuphela amathuba abasubathi abasezingeni eliphezulu base-Afrika, kodwa iphinde igqamise abasubathi base-Afrika abanekhono asebevele bekwi-NFL. Umthelela omuhle odalwa ilolu hlelo awukwazi ukunganakwa.”

Kunabadlali abaningi kwi-NFL abazi usiko lwase-Afrika abazalelwa e-Afrika futhi abazalwa ngabazali base-Afrika.

Isikhulu esiphezulu se-NFL International uDamani Leech sithe iligi ibheke ukusingatha imicimbi eminingi e-Afrika esikhathini esizayo.

“Sifuna ukunikeza ithuba isizukulwane esizayo sase-Afrika ukuthi siziveze sithuthukise nekhono labo,” kusho uLeech.

“Njengoba siqhubeka nokubheka izindlela ezisiza abadlali bamazwe ngamazwe, sithemba ukuthi le khempu namanye azayo azohlinzeka izindlela ezahlukene zokusiza abadlali abasafufusa abavela kulo lonke izwekazi.”

Kulo nyaka kubonakale abadlali abathathu abatholwe ngohlelo lwe-Uprise e-Nigeria abasayine namaqembu e-NFL.

UChigbo Roy Mbaeteka we-New York Giants, uHaggai Chisom Ndubuisi we-Arizona Cardinals kanye noKehinde Hassan Oginni we-Kansas City Chiefs bonke baqhamuke ohlelweni lwase lwe-Uprise e-Nigeria.

Umthombo wesithombe: @TheMirror

Scrolla World Cup Quiz