Sizwe Sibiya
Izinkulungwane zabantu emculweni waseMelika zazi izindaba ezihlukene ngoKanye West, kodwa akekho owazi lo mculi kakhulu njengoCoodie.
Lo mbhali ube ngumngani oseduze kaKanye kusukela ngeminyaka ka-1990, futhi ungumsunguli we-documentary entsha ye-Netflix, i-Jeen-yuhs: ekhuluma ngempilo kaKanye.
UCoodie ubelokhu eqopha uKanye kusukela okokuqala ngqa ehlangana naye endaweni ye-rap yase-Chicago, lapho wayeseyingane enephupho nekhasethi eligcwele izingoma ze-hip-hop. UCoodie uveza yonke impilo kaKanye kwikhamera yakhe lapho eqala khona aze abe ngu-mrepha othandwa kakhulu emhlabeni.
UCoodie, ogama lakhe langempela nguClarence Simmons Jr., kudingeke ukuthi agxume kusenesikhathi ukuze ashiye umsebenzi wakhe we-Bread-and butter njengosomahlaya alandele uhambo lukaKanye.
Idokhumentari iphinde ixoxe ngendaba kaCoodie, njengomsunguli we-Channel Zero, aphinde abe ngumqondisi wefilimu kanye nomuntu obalulekile kuKanye.
Engxenyeni yokuqala ye-Jeen-yuhs, evezwa ikhamera kaCoodie, sibona uKanye esebenza kanzima “ukuze akhe isisekelo somkhiqizo weKanye West.
Ngokushesha sithola ukuthi uCoodie akayena nje umuntu olandela uKanye kuphela kodwa ungumlandeli wokuqala kaKanye. Ubikezele impumelelo enkulu kaKanye ngaphambi kokuthi asayine ne-Roc-A-Fella, inkampani yokuqopha enkulu kunazo zonke embonini yomculo.
UKareem “Biggs” Burke, ongumsunguli we-Roc-A-Fella Records, engxoxweni yakamuva yakhe exoxa nge-Jeen-yuhs ukuthi uKanye wamtshela izifiso zakhe ngonyaka ka-2002, futhi akukho ahlulekile ukukufeza.
Umthombo wesithombe: YouTube/Netflix