Lubhalwe nguDylan Bettencourt
INdebe ebizwa nge-Carabao ibilokhu ithathwa njengeNdebe ebukelwa phansi, ngokusho kukaJosé Mourinho kuze kube imanje.
Yaziwa kakhulu njengeNdebe yeligi futhi mhlawumbe iyiNdebe encane kakhulu enikezwa phakathi nesizini.
I-Manchester City iyona ebijwayele ukuwina le Ndebe eminyakeni edlule kodwa yakhishwa i-Southampton kulo nyaka.
Manje iqembu le-Manchester lithola ithuba lokufaka isigxivizo ohlelweni lwalo lokwakha kabusha uma selibhekene ne-Newcastle United kowamanqamu ngomhlaka-26 kuNhlolanja.
I-Newcastle ingelinye lamaqembu elibheke le nkomishi futhi ifuna ukuqala uhlelo lwayo kabusha ngesibhaxu.
Akuyona imfihlo ukuthi i-Manchester United iwile bhu phansi kusukela ezinsukwini zokubusa kukaSir Alex Ferguson. Kodwa manje babonakala besezandleni eziqinile no-Erik ten Hag.
Ukunqoba isicoco ngesizini yakhe yokuqala kuzokwengeza uthando abalandeli asebenalo ngaye. I-United yagcina ukunqoba isicoco ngo-2017 ngesikhathi ithatha isicoco seNdebe ye-Carabao kanye nese-Uefa Europa League.
Iminyaka eyisithupha ngaphandle kweNdebe yinto engajwayelekile kulo lonke idolobha lase-Manchester, ingasaphathwa eye-Man United.
Kodwa njengoba uTen Hag ephethe kunethemba elikhulayo lokuthi ukuwina iNdebe yeligi kuyindlela yokwethula impumelelo enkulu.
I-Newcastle yagcina ukuthola iNdebe enkulu aphumelele enkundleni.
I-Newcastle inesizini yayo yokuqala ngaphansi kobunikazi bayo obusha. Yize bengasebenzisi imali etheni, kodwa bazithola sebengene kowamanqamu kule nkomishi futhi besendaweni yesithathu ku-log ye-Premier League.
Ukuwina kwe-Newcastle iNdebe ye-Carabao uma isibhekene ne-United kungaba isigxivazo abasidingayo ukuze bafakazele ukuthi maduze bazoba ngelinye lamaqemu anamandla e-England.
INdebe ye-Carabao ivame ukubonakala njengekhona namuhla iphinde ingabibikho ngakusasa. Kodwa kulo nyaka inamandla okuba yisiqalo sento ethile ekhethekile.
Isithombe esingenhla: I-Manchester United ibhekene ne-Newcastle United
Umthombo wesithombe: @Aadozo