I-New Zealand izophinde ivale izwe ngemuva kokuba kutholakale umuntu oyedwa one-Covid-19

Arthur Greene

I-New Zealand isimemezele ukuvalwa kwezwe ngemuva kokuba bathole umuntu oyedwa otholakale ene-Covid-19, okokuqala bethola umuntu one-Covid-19 ngemuva kwezinyanga eziyisithupha.

Lo muntu one-Covid-19 utholakale edolobheni lase-Auckland okuyilona elizoba kumvalelo isonto lonke. Izwe lona lizoba kumvalelo izinsuku ezintathu.

UNgqongqoshe onguNdunankulu uJacinda Ardern uthe ukuqiniswa komthetho womvalelo kuyadingeka ukuze bavikeleke, ukuvalwa kwezikole, amahhovisi kanye namabhizinisi adayisa okudingekayo azohlala evuliwe.

Ngifuna ukuqinisekisa i-New Zealand ukuthi sizofika esiphethweni. Ukuqinisa umthetho nokuvala izwe kusanesikhathi kusisize kakhulu kusho uJacinda.

Lo otholakale ene-Covid-19 oneminyaka engama-58 utholakale ukuthi usehaqwe yilesi sifo ngoLwesine.

Okuthusayo ukuthi akakaze aphumele ngaphandle kwamanye amazwe, Sisola ukuthi kunabanye abanayo i-Covid-19 yase yadlulela kuye.

Sesibonile ukuthi kwenzekani kwezinye izindawo uma ngabe singayithatheli phezulu indaba ye-Covid-19. Sithola ithuba elilodwa kusho u-Ardern etshela isizwe kumabonakude.

I-New Zealand ibinconywa ngokuthi bakwazile ukulwa ne-Covid-19. I-New Zealand ilona lizwe lokuqala elaqhamuka nomthetho wokuvala izwe nokuvalwa kwemingcele.

I-New Zealand isiqophe inani labantu abayizi-2,926 asebehaqwe igciwane selokhu kwaqala i-Covid-19 kanti sebengama-26 asebedlulile emhlabeni.

Umthombo wesithombe: @SBSNews

Izihloko zakamuva