I-Netherlands iwashise iBanyana ijezi

Lubhalwe nguMichael Madyira

IBanyana Banyana izobuyela ekhaya kulandela ukuphuma kwayo kuMzuliswano wamazwe angu-16 kwiNdebe Yomhlaba Yabesifazane ye-FIFA ka-2023.

Iguqiswe i-Netherlands ngo 2-0 e-Sydney Football Stadium, ngeSonto ngesikhathi uJill Roord noLineth Beerensteyn beshaya amagoli phakathi neziwombe zomdlalo ukukhipha iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano.

Amantombazane kaDesiree Ellis azophuma kulo mqhudelwano azi ukuthi aqophe umlando ngokufinyelela kweyomkhumulajezi eNdebeni yoMhlaba.

Emqhudelwaneni obunzima iNingizimu Afrika idlalise kabi izimbangi ezafinyelela kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba ka-2019.

Ukaputeni uRefiloe Jane ubekwe eceleni ngenxa yokulimala kwathi uKholosa Biyana wabuyiswa emdlalweni ngemuva kokumiswa.

Unozinti weBanyana, uKaylin Swart uzamile ukuzibamba ziqine ngesikhathi evimba ishodi eliphuma ku-Esmee Brugts phezu kwepali.

URoord ukhulule imizwa ye-Netherlands ngemuva kwemizuzu eyisishiyagalolunye nje washaya igoli obekuyibhola ebeliphuma kuLebohang Ramalepe.

Bekungomunye umbukiso womshikashika wompetha base-Afrika ukuhluleka ukuvikela amakhona into ebakhungethe kakhulu kulo mqhudelwano.

Engene kulo mdlalo enamagoli amabili nabasizi abaningi emdlalweni wamanje, uThembi Kgatlana usebenzise isivinini wazama ngokushesha ukubuyisela iNingizimu Afrika ekuholeni kodwa wakhahlela phezu kwepali.

U-Ellis kudingeke ukuthi aguqule izinhlelo zakhe ngemuva kwesigamu sehora ngesikhathi ukulimala kuphoqa umhlaseli uJermaine Seoposenwe ukuthi aphume futhi esikhundleni sakhe kwangena uWendy Shongwe oneminyaka engu-20 ubudala.

Omunye umdlali obelimele kudingeke ashintshwe ngomzuzu ka-42 kanti kulokhu kube umdlali wasemuva uBambanani Mbane ophuke kabuhlungu iqakala kwangena uTiisetso Makhubela.

Kuphinde kwangehla kahle kwiNingizimu Afrika ngesikhathi uKgatlana ephikwa kabili ngamagoli avinjwe ngunozinti we-Netherlands uDaphne van Domselaar ngaphambi kokuya ekhefini.

IBanyana ibibekezelele isiwombe sesibili esingagculisi futhi ayenzanga lutho olutheni ukunyakazisa ukuzivikela ku-Netherlands.

Isimo sibe nzima kompetha base-Afrika ngesikhathi uSwart enza iphutha elivumele ibhola likaBeerensteyn langena enethini ngomzuzu ka-68.

ULinda Motlhalo uzamile ukuvimba ibhola likaVan Domselaar elicishe langena enethini njengoba abaseYurophu bebeqhubeka nokuhlasela iNingizimu Afrika.

I-Netherlands izobhekana ne-Spain kuma-quarterfinal.

Esithombeni esingenhla: Netherlands vs Banyana Banyana

Umthombo wesithombe: Fifa

Izihloko zakamuva