Sizwe Sibiya
I-Netflix iyaqhubeka nokusabalala e-Afrika njengoba ngoLwesithathu imemezele ukuthi izokhipha uchungechunge lo mdlalo olubizwa nge-Ludik olwenziwe ngolimi lwesiBhunu.
Ngenkathi i-Netflix iqala ukwenza imikhiqizo e-Afrika abahlaziyi babecabanga ukuthi izinto bazozenza njengase-Hollywood, kodwa okwabo kuhlukile.
Kusukela kuchungechunge lo mdlalo wabo wokuqala waseMzansi obizwa nge-Blood & Water edlala eKapa bakwazile ukugxila kakhulu ezintweni ezenzeka e-Africa nesimo abantu abaphila ngaphansi kwaso.
Manje inkundla yokusakaza ehamba phambili isingena kulimi lwesiBhunu njengoba izokhipha ifilimu enabalingisi abakhuluma ulimi lwesiBhunu.
Noma i-Netflix ingakawavezi amazwibela kodwa i-Ludik sesiyazi ukuthi iwuchungechunge lo mdlalo ozobe ugxile kakhulu kumlingisi ohamba phambili uDaan Ludik odlalwa u-Arnold Vosloo.
UDaan uchazwa njengosozimali wakuleli okhule ehlupheka kodwa osezakhele ibhizinisi eliphumelele njengomdayisi wefenisha nowesilisa onakekela umndeni.
“Ukuze asindise ilungu lomndeni wakhe elithunjiwe, lo mlisa kufanele asebenzise umsebenzi wakhe oyimfihlo wokushushumbisa idayimane ukuthutha izibhamu ziwele umngcele.”
I-Ludik ididiyelwa i-Rose ne-Oaks Media yakuleli kanti u-Anele Mdoda, uPaul Buys noFrankie du Toit bangabadidiyeli abakhulu, kanti u-Ian Gabriel noHarold Holscher bangabaqondisi befilimi.
Kungaba umkhiqizo we-Netflix, kodwa okuningi kwenzelwe.
Uchungechunge luzokhonjiswa okokuqala emhlabeni jikelele ngoLwesihlanu ngomhlaka-26 kuNcwaba ku-Netflix.
Umthombo wesithombe: @NetflixAfrica