I-Netflix nefilimu entsha ngosuku lwentsha

Sizwe Sibiya

Ubumpofu, ubugebengu, ukucwasa, ukushushumbiswa kwabantu nothando izinto eziphambili kwifilimu elandelayo ye-Netflix ye-Action ozovela eMzansi ngomhlaka-16 kuNhlangulana ngoSuku Lwentsha.

I-Collision iphinde ithinte izindaba  ezifana nokucwaswa kwabaphuma emazweni angaphandle kanye nempilo yabathengisa ngomzimba. Zonke izigcawu zefilimu zenzeka ngosuku olulodwa.

Abalingisi abahamba phambili kubalwa uVuyo Dabula, odume ngendawo ayidlala emdlalweni owuchungechungu waku-SABC i-Generations, noLangley Kirkwood, owabonakala ku-Invictus.

“Osukwini olulodwa olunzima, usomabhizinisi owonakele kanye nonkosikazi wakhe ongusonhlalakahle basemjahweni wokusindisa indodakazi yabo enkosini yobugebengu enedumela elibi,” Kusho i-Netflix ichaza ifilimu.

Yize engakamenyezelwa amagama abalingisi, abanye abalingisi kubalwa kubo uMpho Sebeng, okhule edlala emidlalweni ewuchungechunge yakumabonakude njenge-Rhythm City, iZ’bondiwe ne-Ring of Lies.

USebeng usanda kulingisa komunye umdlalo owuchungechunge kwi-Netflix obizwa nge-Savage Beauty ehambisana noDumisani Mbhele owayelingisa indawo kaDumisani kwi-Generations.

Amazwibela okuqala e-Collision akhishwe ngoMsombuluko ngomhlaka-16 kuNhlaba. Iqondiswe nguFabien Martorell wase-France, osewine izindondo ezingaphezu kwezingu-18 emaqoqweni angu-25 eMelika naseYurophu, ngamafilimu amafushane afana nethi-The Coin kanye nethi-Unbelief.

Buka amazwibela e-Collision lapha.

Scrolla World Cup Quiz