Sizwe Sibiya
Ngemuva kokukhiqiza i-Swallow ngo-2020 ne-Naija Christmas nyakenye umdidiyeli wamafilimu wase-Nigeria uKunle Afolayan usezokhipha ifilimu yakhe yesithathu ne-Netflix enesihloko esithi-Anikulapo ngenyanga ezayo.
Kuleli sonto lo makadebona wokusakaza uveze okokuqala nge-trailer yefilimu okukhona kuyo umlingisi owine indondo uKunle Remi.
Igxile kubantu abangama-Yoruba be-Oyo Empire kanti phakathi kwekhulu leminyaka engu-17 e-Nigeria u-Anikulapo ulandela uhambo lomuntu ongaziwa onamandla okuvusa abafileyo.
Igama langempela lensizwa ekule filimu nguSaro, kodwa ngokushesha uthola igama lakhe elisha elithi Anikulapo ngenxa yamandla akhe omlingo okuyigama lesi-Yoruba elisho ukuthi unqobe ukufa”, ngokusho kwe- names.org.
USaro (Remi) uzithola esembusweni wama-Oyo ngemuva kokuhambela izindawo ezahlukene efuna amadlelo aluhlaza. Ngesikhathi ethola ithuba lesibili empilweni uzifaka enkingeni engase imqedele unomphela kanti lawo amazwibela efilimu esivezelwa wona.
Isiqephu sikhishwe okokuqala esiteshini se-YouTube se-CinemaxNG ngoMsombuluko ngomhlaka-15 kuNcwaba. Sikhuluma ngezigameko ezenzekayo mihla yonke kanye nokuthandana kwakhe nonkosikazi wenkosi u-Oyo ukushona kwakhe okungalindelekile kanye no-Akala inyoni engaqondakali okukholelwa ukuthi inikeza futhi ithathe ukuphila”.
“Lowo olawula ukufa angasindisa ukuphila kwakhe na?” kubuza umqondisi u-Afolayan ku-Instagram. Ifilimu izokhonjiswa okokuqala ngomhlaka-30 kuMandulo ku-Netflix.
Abanye abalingisi abakhonjiswa kwi-Anikulapo kubalwa isihlabani sase-Hollywood uHakeem Kae-Kazim, uSola Sobowale, uBimbo Ademoye, uTaiwo uHassan kanye no-Ikorodu Bois abadume ngokwenza amavidiyo amafushane ezinkundleni zokuxhumana.
Umthombo wesithombe: Instagram
Umthombo wevidiyo: YouTube