
Sizwe Sibiya
I-Netflix, inkundla yokusakaza ehamba phambili emhlabeni, isimemezele usuku ezokhipha ngalo omunye wemidlalo yoqobo yakumabonakude ezoveza abalingisi bohlelo abangosaziwayo abavela e-Afrika.
Igama lohlelo i-Young, Famous & African. Kunabalingisi abahlanganisa umdidiyeli wezindaba owaziwayo uKhanyi Mbau, uNaked DJ owenza imicimbi nomrepha wesifazane owahlomula indondo uNadia Nakai, baphakathi kwabanye osaziwayo abayisikhombisa bakuleli zwekazi.
Yize i-reality TV ibeyingxenye yeziteshi zakumabonakude e-Afrika amashumi eminyaka, kwi-Netflix iyifomethi entsha. Uhlelo olusha oluzoqala ukukhonjiswa ngomhlaka-18 kuNdasa, lweqa imingcele ukulethela abalandeli bakamabonakude iziqephu eziyisikhombisa zemibukiso, udumo, nokuzikhandla e-Afrika.
Abadidiyeli abakhulu balolu hlelo, okuhlanganisa kubo umethuli wezemidlalo u-Andile Ncube njengomunye wabalingisi balo, bathe alunamibhalo futhi luhambisana ngqo nolwase-Afrika.
“Uhlelo i-Young, Famous & African wumfanekiso womhlaba ongakaze ubonwe, ogqamisa izindaba zangampela kanye nokufinyelela okungenakuqhathaniswa kwabanye abantu abahlonishwa kakhulu” kusho umdidiyeli omkhulu uMartin Amankwa.
Umsakazi wezindaba uZari the Boss Lady, wase-Uganda, naye uyingxenye yalolu hlelo futhi ujabule ngalo mdlalo.
“Lolu hlelo luzokwenza abalandeli bethu babone ingaphakathi lempilo yethu ejabulisa kakhulu nematasatasa,” usho kanje.
Khonamanjalo, ushubile umqhudelwano phakathi kwe-Netflix ne-Showmax eMzansi njengoba beqhudelana ngababukeli.
Isimemezelo sohlelo olusha siza ngemuva kokuthi i-Showmax ikhiphe isizini yesibili ye-The Wife ngempelasonto. Lolu hlelo beludla lubi ohlwini lwezintandokazi ku-Twitter selokhu lwaqala ukukhonjiswa kwi-Showmax nyakenye.
Umthombo wesithombe: Netflix