I-Netflix izokhipha ifilimu ekhuluma ngoMK

Sizwe Sibiya

I-Netflix yenza umlando ngemuva kokukhipha uhlelo lwayo lokuqala  lwase-Afrika olubizwa ngokuthi Young famous and African  ngomhlaka-18 kuNdasa, kanti izophinde ikhiphe nefilimu yayo yokuqala yase-Afrika ebizwa ngokuthi i-Silverton Siege. 

Le filimu ikhuluma ngokucekelwa phansi koMkhonto weSizwe ngomhlaka-25 ngoMasingana ngonyaka ka-1980 usuku olwaba buhlungu olwenzeka amahora ayisithupha ebhange e-Silverton ePitoli.

Ididiyelwe nguMandla Dube owakhiqiza ifilimu yaseNingizimu Afrika eyawina indondo ethi-Kalushi nayo esekelwe ezehlakalweni zangempela eyayikhuluma ngempilo yesishoshovu esalwa nobandlululo esingasekho uSolomon Mahlangu.

I-Silverton izishaya isifuba ngabalingisi abaziwayo baseMzansi. UThabo Rametsi, uStephan Erasmus kanye noNoxolo Dlamini bobathathu babebambe iqhaza elasusa umsindo befuna kukhululwe uNelson Mandela.

“Noma ungayithandi ifilimu ngithemba uzoyijabulela,” kusho uRametsi odlala indawo ka-Calvin Khumalo umholi walaba bobathathu. “Kuzobe sengathi usebhayiskobhu.” URametsi uphinde wadlala phambili kwi-Kalushi njengoMahlangu.

UDlamini odlala indawo ka-Terra ongafani nabadlali abathathu be-MK uyena yedwa owesifazane eqenjini oveze ukuthi ujabule ngokudubula nge-AK-47 ngesikhathi exoxa nabalingisi.

“Ubani-ke ongafuni ukubona owesifazane edubula i-AK-47. Ngiyaxolisa, kodwa lokhu akuyona into ejwayelekile,” kusho uNoxolo odume ngelikaNtombi efilimini yomdanso ethi Jiva.

Iqembu labathathu labalwela inkululeko empilweni yangempela, uWilfred Madela, uHumphrey Makhubo kanye noStephen Mafoko babesendleleni yokuyofeza umkhankaso owawuhleliwe we-MK wokucekela phansi amadepho kaphethiloli e-Watloo ngase-Mamelodi ngesikhathi bebona ukuthi babefunwa amaphoyisa.

Emizameni yokubaleka bagcine sebekhoseliswa ngaphakathi ebhange lezi zishoshovu ze-MK bobathathu bashona kulendawo kulandela ukudubulana okwenzeka ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuhlenga abantu ababethunjwe ngaphakathi ebhange, kubika i-SA History.

Ifilimu ethokozisayo yempilo yangempela izokhonjiswa okokuqala ku-Netflix ngoLwesithathu ngomhlaka-27 kuMbasa ukuze ihambisane neholide loSuku Lwenkululeko.

Izihloko zakamuva