
Sizwe Sibiya
Ezinyangeni ezimbili ezedlule i-Netflix ikhiphe umdlalo wayo wokuqala kumabonakude okhiqizwe e-Afrika kanye nefilimu eshubile futhi manje isimemezele ukukhishwa kwe-podcast yayo yokuqala yase-Afrika ebizwa nge-Never Later, African Time.
Ngomhlaka-18 kuNdasa i-Netflix yethula uhlelo lwayo lokuqala kumabonakude olunesihloko esithi-Young, Famous and African.
Ngemuva kwalokho i-Netflix imemezele ifilimu yokuqala yase-Afrika onesihloko esithi-Silverton Siege ezoqala ukubonakala ngoLwesithathu ngoSuku lweNkululeko.
Lolu hlelo olubizwa nge-Never Later African Time lizothulwa ngu-Andy Maqondwana ochaze lolu hlelo njengolwabantu base-Afrika abangafiki sekudlule isikhathi kodwa abasigcinayo.
UMaqondwana ungumsakazi odabuka ku-Khaya FM kanti asebenzisana naye uZweli Mbhele ungumsakazi kwi-947 Radio.
Izihambeli ezine zokuqala ze-podcast zinikeze abalaleli into okuzokhulunywa ngayo. Umlingisi wase-Kenya uCatherine Karanja odume ngelikaKate, uzolandelwa ngumlingisi wase-Nigeria uNancy Isime, kube umlingisi woMzansi uCandace Modiselle kanye no-Israel Matseke-Zulu wodumo.
I-podcast izotholakala ukuze isakazwe ku-Netflix, i-YouTube, i-Spotify kanye ne-Apple, neziqephu ezintsha ezikhishwa njalo ngoLwesithathu kuwo wonke amapulathifomu.
Iziqephu ezinhlanu zokuqala zizophuma ngoLwesithathu mhla zizine kuNhlaba.
Umthombo wesithombe: Netflix