I-Nelson Mandela Bay isineMeya entsha

Lungani Zungu

Ngemuva kokukhishwa kwe-ANC kuMasipala wase-Nelson Mandela Bay ngoLwesithathu, uRetief Odendaal we-Democratic Alliance (DA) uphakanyiswe njengo Sodolobha omusha kulo mkhandlu wase-Eastern Cape.

U-Eugene Johnson obeyiMeya ye-ANC ukhishwe ngevoti lokungathenjwa. 

IPhini likaJohnson uBuyelwa Mafaya noWandile Jikeka onguSotswebhu nabo badliwe izembe.

U-Odendaal ubambe izintambo njengeMeya ngezikhathi zasekuseni ngoLwesine.

Ukukhethwa kwakhe njengeMeya kwesekwa amaqembu amancane okubalwa i-ACDP, i-African Independent Congress, i-Abantu Integrity Movement, i-FF Plus, i-PAC ne-UDM.

U-Odendaal usebenze njengekhansela kuMasipala wase-Nelson Mandela Bay kusukela ngo-2009. Ngesikhathi umfelandawonye oholwa i-DA ukhipha i-ANC kuMasilala omkhulu u-Odendaal wajutshwa njenge-MMC wesabelomali kanye noMgcinimafa.

U-Athol Trollip owayeyiMeya kuMasipala wase-Nelson Mandela Bay manje osehambisana ne-ActionSA kaHerman Mashaba wamukele ukukhethwa kuka-Odendaal.

“Ugcono kakhulu kulo msebenzi. Ngasebenza naye ngiseyiMeya uwufanele lo msebenzi uzokwazi ukushintsha usizi lwezakhamuzi eziningi ezibhekene nenkinga yokushoda kwamanzi kuMasipala wase-Nelson Mandela Bay.”

Umholi we-DA uJohn Steenhuisen uncome amaqembu avote ukuthi i-ANC iphume esikhundleni.

Uthembise izakhamuzi zase-Nelson Mandela Bay ukuthi iMeya ye-DA esanda kukhethwa izokusukumela phezulu ukuhlinzekwa kwezidingongqangi.

Izihloko zakamuva